INGU-42 imikhukhu eshe yangqongqa ezintatha zangeSonto eFleurhof eGoli.
Imibiko yokuqala evelayo endaweni yesigameko kodwa engakaqinisekiswa ngamaphoyisa njengoba sekuqale uphenyo, ikhomba ingxabano yezithandani eholele kulesi simo.
Kushone owesilisa oyedwa, okuthiwa ungumakhelwane wezithandani ebezixabana.
Abezimo eziphuthumayo eGoli baveze ukuthi babizelwe kule ndawo ngezithuba zika-3.00 ezintatha lapho bathumele khona izicishamlilo ezimbili neloli elilodwa lamanzi.
UNana Radebe-Kgiba okhulumela abezimo eziphuthumayo eGoli, uthi babizwe endaweni ebisha ezintatha, bathola kusha ubuhanguhangu.
“Sifike endaweni yesigameko sathola kusha imikhukhu eminingi. Okwamanje asikwazi ukuqinisekisa isibalo semikhukhu kodwa okuhloleni isimo nomonakalo, kutholakale isidumbu esisodwa soshonile,” kusho yena.
Uqhubeke wathi bekunzima ukubhula umlilo ngoba bekunomoya onamandla.