USOLA isandla esinoboya, umndeni wenduna yesigodi saseNdema, KwaNongoma, eshone ngesihluku nomkayo nomzukulu, kungqongqa igumbi abebelele kulo, entathakusa ngeSonto.
UMnuz Muziwendoda Mhlongo (76), umkakhe uNkk Busisiwe Grace Mhlongo (67) nomzukulu uNzuzo Dlamini (7) kuthiwa bashonele endaweni yesigameko ngesikhathi kuqubuka umlilo egunjini abebelele kulo.
Indodakazika Mhlongo eyikhansela le-ANC kuMasipala waKwaNongoma, uNkk Babongile Sithole, ithe namanje umndeni usadidekile ngembangela yomlilo, ngakho abakholwa ukuthi udalwe yikhandlela noma ugesi kodwa balinde uphenyo lwamaphoyisa.
“Sibona sengathi kukhona okushaya amanzi, yize singazi ngoba azikho izitha esizaziyo esingasolela kuzo. Ugesi endlini awukaze ubenayo inkinga, namanje uyakhanya okubonisa ukuthi awusiyona imbangela yomlilo. Bekungelula ukuthi kube yikhandlela kwazise bekungakaze kubekhona ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga ngempelasonto, yikho sidideka ukuthi ngempela umlilo udalwe yini,” usho kanje.
Uthe okubamangalisa kakhulu wukuthi indlu obekulele kuyo abazali bakhe nengane kadadewabo inamagumbi amane, kodwa kuvele kwasha igumbi elilodwa kuphela ebelinabashonile.
Uthe umlilo ubonwe yindodana yomfowabo ebilele kwenye indlu, yavusa abanye bazama ukuwucisha kodwa amalangabi bese emakhulu kakhulu, kwaze kwaphoqa ukuthi babhodloze igaraji bazame ukungena becima ngamanzi abebewakha ethangini, kodwa bese bekhalela ukuthi abaphakathi bangaze bashe bangabonakali ngoba bese kucacile ukuthi bebengeke baphile kuloya mlilo.
Uthe uyise uvelelwa yilo mshophi nje, ubefike ngoLwesihlanu evela esibhedlela lapho abeselaliswe khona amasonto amabili ngenxa yokugula. Uthe ubengakazwi nokuzihambela, exhakwa. Kuthiwa uMhlongo useke waba wundunankulu emkhandlwini weSilo KwaMandlakazi, ngesikhathi kusabusa iSilo esikhotheme uZwelithini kaBhekuzulu.
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli yaboMdabu KwaZulu-Natal usukhiphe isitatimende udlulisa amazwi enduduzo emndenini, waqinisekisa ukuthi ithimba elibhekele izinhlekele lizosebenzisana nomndeni ngalesi sikhathi ubhekene nefu elimnyama.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLietenant Colonel Nqobile Gwala uthe kuvulwe idokodo lophenyo ngokufa kwabantu esiteshini samaphoyisa KwaNongoma, kanti imbangela yomlilo ibingakaziwa.