SESIFINYELELE kwabayisikhombisa isibalo sabafe ngenxa yemililo yequbula esha ubuhanguhangu komasipala abahlukene KwaZulu-Natal, osekuphoqe uhulumeni ukuthi ame ngezinyawo ukuhlinzeka ngosizo kwabakhahlamezekile.
Kwabadlule emhlabeni ngenxa yale nhlekelele eqale ukubonakala ngesonto eledlule ebangelwa imimoya enamandla ehlasele ezingxenyeni zesifundazwe, kubalwa uSandiso Wudla (2) noMnuz Ncane Nyandeni (68) basoLundi, uMnuz Muntukabongwa Gazu noNksz Bongiwe Luthuli (67) kuMasipala uMlalazi, uNkk Jadi Ngcobo (86) kuMasipala uMaphumulo, uSinakho Madlala (9) kuMasipala Inkosi Langalibalele noMnuz Sithaba Mpofu (29) wakuMasipala iRay Nkonyeni.
UMphathiswa woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni, uMfu Thulasizwe Buthelezi obehambele oLundi ukuyohlangana nabakhahlanyezwe yilesi simo, usole amasela emfuyo ngokusha kwale mililo edlangile.
Uthi izinduna kumele zisebenzisane nomphakathi ukuthi kwenziwe uphenyo lwala bantu abashisa umlilo.
“Umlilo awuvelanga wazisukela kodwa ushiswe umuntu. Kumele kuphenywe kabanzi. Amasela emfuyo yiwo asusa le mililo ukuze ebe kahle imfuyo. Izinduna azisebenzisane nomphakathi kubanjwe laba bantu,” usho kanje.
Uthe usebhalele ungqongqoshe walo mnyango kuzwelonke ekutheni kube nemali ezolekelela ukuze izigameko ezifuze lezi zingashiyi abantu bedengwane.
“Nginxuse ukuthi u-R100 000 ufakwe kwi-ward ukuze kube lula ukulekelela. Sicela amakhansela ahlonze imizi ethinteke kakhulu. Okwanamhlanje sizowulekelela umphakathi ngokuwunika amabhele okudla imfuyo ukuzibazisa ngesikhathi sisalinde uhlelo oluphelele,” usho kanje.
IMeya kuMasipala i-Zululand, uMnuz Michel Mkhonyovu Khumalo, uthe kuzoba nomklomelo ukuqinisekisa ukuthi amasela ayavalelwa
Lo mlilo kuthiwa usecekele phansi amadlelo abalimi emhlabeni ongama-hektha angu-14 000 kwafa imfuyo ewu-1 600.