UMMANGALELWA wokuqala ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, uMnuz Muzikawukhulekwa Sibiya uthe amaphoyisa amshaya waze wazingcolisela emvumisa icala. Lezi zinsolo zivezwe wummeli kaSibiya u-Advocate Thulani Mngomezulu ngesikhathi ephosa imibuzo kufakazi.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe ewumculi uKelly Khumalo, eVosloorus, eGauteng. Izolo usuku luqale kabi ngesikhathi kubheda umshini wokuqopha nokuphoqe ukuthi icala lithi ukuma kusalungiswa.
Umphenyi uSeargent Batho-Bakae Mogola ubelandisa inkantolo ngokwenzeka bephenya beze bebopha abasolwa. Inkantolo ilalele isicelo sokuthi kuchithwe ubufakazi lapho okuthiwa abamangalalelwa bavuma khona amacala.
UMbuso umi ngezitatimende othi zasayinwa abamangalelwa emuva kokuhlambuluka ngokubulala uMeyiwa baze bachakida nabanye ababekhona. Abamangalewa bathi baphoqwa ukuvuma icala ngoba babeshawa kanzima.
UMngomezulu ubuze uMogola ukuthi uyakwazi yini ukuthi uSibiya washawa waze wazingcolisela.
“ Ummangalelwa wokuqala uthi angisho ukuthi washawa kanzima waze wazingcolisela, waze wacela ukuyoshintsha izimpahla zokugqoka, kusho uMngomezulu. UMogola uthe uyavuma ukuthi uSibiya wacela ukushintsha izimpahla kodwa wayengashintsheli ukuthi uzingcolisele.
“ Nkosi yenkantolo ummangalelwa wathi ibhulukwe lakhe libiza kakhulu kwakungeke kulunge ukuthi aye ngalo ejele ngoba iziboshwa zazizomphuca noma lingcole. Ayikho indaba yokuthi washawa waze wazingcolisela,’’ kusho uMogola.
Udaba lwebhulukwe aluqali ukuvela enkantolo ngoba phambilini lwavela kuthiwa uSibiya wayefake iBrentwood. Kuthiwa wacela ukushintsha ngoba ebabaza ukubiza kwebhulukwe lakhe.
Kulindeleke ukuthi icala libuyele enkatolo namuhla.