KUSOLWA ukuthi uqalwe abazingeli bezinyamazane umlilo wequbula obulale abayisithupha abayizicishamlilo eBoston, eHowick ngaphansi kukaMasipala uMngeni ngeSonto.
Lokhu kuvezwe yiMeya kulo masipala uMnuz Chris Pappas ekhuluma nabezindaba emva kwalesi sigameko.
Kusolakala ukuthi umlilo obusha ubuhanguhangu ubhebhethekiswe umoya oshintshe indlela obuvunguza ngayo wavunguzela mawala ngasohlangothini obekusebenza kulo laba besebenzi bezimo eziphuthumayo abebezama ukuwubhula.
“Umlilo kukholakala ukuthi uqalwe abazingeli. Umlilo uphunyukile, okukholakala ukuthi kubangelwe yisimo sezulu okuyilapho abacimimlilo bazithole sebesengozini. Ozibonele, uchazile ukuthi laba basebenzi bazame kanjani ukunqanda umlilo kodwa wagcina ubaphunyuka, nokuholele ekutheni abanye bashone,” usho kanje.
UMphathiswa woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni uMfu Thulasizwe Buthelezi udlulise amazwi enduduzo emindenini.
Kuvele ukuthi kubasebenzi abalimele, ababili basesimeni esibucayi esibhedlela.
Lokhu kwenza isibalo sabafe ngenxa yemililo yequbula senyukele kwabawu-13 kulesi sifundazwe.
Abakwa-South African Weather Service baxwayise amalungu omphakathi ngamakhaza nomoya angase ahlasele lesi sifundazwe nezinye izingxenye ezimaphakathi nezwe.