ZINE iziguli ezishonile ngenxa yesiteleka sabasebenzi benyunyana iNational Education, Health and Allied Workers' Union (Nehawu) ezweni lonke esiqhubekayo.
UNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Joe Phaahla, utshele abezindaba izolo, ukuthi nakuba singakaziwa isibalo esiphelele kodwa zine iziguli abathole ukuthi zishonile ngoba zingakwazi ukungena ezikhungweni zezempilo ebezivalwe ngamalungu eNehawu abetelekile. Isiteleka siqale ngoMsombuluko, abasebenzi bafuna ukwenyuselwa iholo ngo-10% kodwa umqashi ubanika u-3%.
UPhaahla uth, ngoLwesithathu umbhikisho udale ukuthi kungangeneki kwezinye izikhungo zezempilo, eGauteng, KwaZulu-Natal, e-Eastern Cape naseNorthern Cape, okuholele ekutheni uMnyango uthole incwadi yenkantolo evimbela ababhikishi ukuthi baphazamise ukusebenza kwezibhedlela ngokuvala amasango noma ukusabisa abasebenzi abangatelekile.
Uthe kwezinye zezibhedlela eGauteng, odokotela abakwazanga ukungena ezibhedlela ngoba bekuvalwe amasango, kwahlehliswa ukuhlinzwa kwezinye iziguli okungaphuthumi, iziguli ezilanda imishanguzo yazo yansukuzonke zibuyele emakhaya zilambatha, amaambulensi abengakwazi ukungena kwezinye izibhedlela.
"Isimo singcono namhlanje (esho izolo), iziguli nabanye abasebenzi bayakwazi ukungena ezibhedlela. Siyakuqonda ukuthi abasebenzi banelungelo lokuteleka kodwa abasebenzi abenza imisebenzi ebucayi bona abavumelekile ukuteleka ngokomthetho wakuleli," kusho uPhaahla.
Uthe umnyango uzolandela uhlelo lokuthi ongasebenzanga akaholi.KwaZulu-Natal kuke kwaba nokuphazamiseka kokusebenza esibhedlela iHarry Gwala ekuseni izolo, ababhikishi bevale amasango esibhedlela kwaze kwabizwa amaphoyisa.
UNobhala wale nyunyana eHarry Gwala, uMnuz Mazwi Ngubane, uthe amalungu abo awazange awavale amasango esibhedlela kodwa wathi kuyilungelo labo ukuteleka.
"Umqashi akafuni ukulungisa udaba lokwenyuswa kweholo, ulokhu ecasha ngesithupha. Sizimisele ukuteleka kuze kube ugoba uphondo. Zonke izinto zinyukile abasebenzi bayahlupheka," kusho uNgubane.
UMnuz Mlungisi Ndlovu imenenja yePublic Servants Association of South Africa (PSA) KwaZulu-Natal, uthe le nyunyana ayiyona ingxenye yesiteleka kodwa lokho akusho ukuthi iyahambisana nesiphakamiso somqashi.
"Njengenyunyana simele abasebenzi hhayi umqashi, kasihambisani nesiphakamiso somqashi. Umqashi sekunesikhsthi edlala ngabasebenzi. Ngo-2021 wenyusela abasebenzi ngo1.5% kulokhu uthi uno-3%, siyakuqonda ukukhathazeka kwabasebenzi kodwa sikhethe ukuthi lolu daba lulungiswe etafuleni," kusho uNdlovu.
Izolo izinyunyana nomqashi bebehlangene kukhulunywa udaba lweholo. Siye koshicilela singakawutholi umphumela womhlangano.