USEMANZINI owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma nomndeni wakhe njengoba behlelwe yifu elimnyama kudlula indodana yakhe, uVusi Nhlakanipho Zuma, esibhedlela iMilpark Hospital, eGoli ngeSonto ebusuku.
UVusi ubeneminyaka engu-25.
Osondelene nomndeni kaZuma futhi owayeyilungu lo Mkhonto weSizwe, uMnuz Carl Niehaus, uqinisekise lezi zindaba ngoMsombuluko ekuseni. Uthe imininingwane ngokushona kukaVusi ubengakayitholi kwazise ubengakaxhumani nomndeni kaZuma.
"Kuyiqiniso ukuthi uVusi, oyindodana yalowo owayenguMengameli kuleli uZuma, ushonile izolo (ngeSonto) ebusuku ngemuva kokuxinwa wukugula. Anginaso isiqiniseko sokuthi ubephethwe yini nokuthi unjani umndeni njengamanje kodwa ngizoxhumana nawo maduze," kusho uNiehaus.
Ngokwemibiko, uVusi Zuma ungumagcino ezinganeni zikaZuma noNkk Kate Mantsho Zuma, owazibulala ngo-2000. Kwabazalwa noVusi kubalwa namawele uDuduzile noDuduzane Zuma.
Okhulumela uZuma, uMnuz Vukile Mathabela, naye uziniqisekisile lezi zindaba wathi kusazoqokwa ozokhulumela umndeni ozoveza eminye imininingwane ngokuhamba kosuku.