KUSHISWE izitolo zabokufika kwantshontshwa nempahla abayidayisayo edolobheni iPitoli izolo emuva kokubulawa kukasomatekisi.
Osomatekisi kuthiwa badinwe wukuthi omunye wokufika waseNigeria udubule lo somatekisi ngoLwesibili emuva kokuba abanye babashayeli behlasele ababasola ngokudayisela intsha izidakamizwa.
Kuthiwa sekunesikhathi osomatekisi bebhekene ngeziqu zamehlo nabadayisa izidakamizwa.
Abantu bebezitapela ezitolo bethatha amathelevishini nezinye izinto.
Okhulumela amaphoyisa asePitoli, uCaptain Augustinah Selepe, uthe udlame luqubuke ngo-8 ekuseni.
Uthe kusolwa ukuthi osomatekisi abebediniwe bagcwale umgwaqo ukuyobhekana ngqo nabadayisa izidakamizwa. Kube sekuvalwa nemigwaqo eminingi.
“Isimo siya ngokushuba kodwa amaphoyisa akhona ukuqapha isimo. Siyanxusa ukuba abanikazi bezitolo bazivale njengoba isimo sinjena,” kusho uSelepe.
Amaphoyisa avumile ukuthi kukhona iqulu losomatekisi ebelikhala ngezidakamizwa kule ndawo.