Umhlaziyi wezepolitiki uthi kusekuncane lokhu kuxabana kwamaqembu abusa ngokubambisana KwaZulu-Natal kududulana owe-ANC nowe-IFP.
UMnuz Zakhele Ndlovu waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uthe asazoxabana kakhulu amaqembu aphethe ngokubambisana esifundazweni.
Ubekusho lokhu emva kokujikijelana ngamazwi kukaNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, noMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu oyilungu le-IFP, uMfu Thulasizwe Buthelezi.
Ingxabano yabo iqalwe nguMtolo, osole uButhelezi ngokuzenzela umathanda komasipala.
Esitatimendeni, uMtolo uthe uButhelezi uhamba eshintsha abalawuli nezimenenja zomasipala ngaphandle kokulandela imigomo.
Abalawuli abashintshiwe kusukela kungene uButhelezi bakoMasipala Inkosi Mtubatuba, uMkhanyakude nasoThukela.
UMtolo uthe ukuziphatha kukaButhelezi kubeka engcupheni ukusebenza kukahulumeni wokubambisana.
“Angeke sivume ukuthi uButhelezi azenzele umathanda. Selokhu akhethwa, uzibona emkhulu ukunohulumeni wokubambisana. Ngifuna ukumkhumbuza ukuthi alikho iqembu elanqoba ngamalengiso KwaZulu-Natal. Wonke amaqembu kufanele asebenze ngokubambisana.”
Nokho uButhelezi uthe angeke ezwe ngoMtolo.
“UMtolo kufanele akhumbule ukuthi i-ANC yaphuma emandleni ngoMeyi 29. Akangadidwa ukuthi kunohulumeni wokubambisana bese ezitshela ukuthi kusaphethe i-ANC. Ziphelile izinsuku lapho uMtolo ezotshela khona umphathiswa nezikhulu zomnyango ukuthi akwenziweni. Mina ngakhethwa undunankulu.”
UButhelezi uthe kunenkohlakalo eningi ebiyenzeka emnyangweni ngaphambi kokuthi afike, wathi bazoqala uphenyo athe lungase luholele ekutheni kube khona ababoshwayo.
Akukapheli ngisho izinyanga ezimbili uhulumeni waKwaZulu-Natal wokubambisana waqokwa njengoba sekuqala uqhekeko.
I-IFP ne-ANC iwona maqembu amakhulu kuhulumeni wokubambisana, iwona aphethe izikhundla eziningi.
UNdlovu uthe akuthusi ukudonsisana kukaMtolo noButhelezi.
“Iqiniso ukuthi la maqembu awazange azikhethele ukusebenzisana, aphoqwa imiphumela yokhetho. La maqembu azosebenzisa izikhundla abelwa zona ukukhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya oluzayo.
“UButhelezi uzofuna ukusebenzisa umnyango awunikiwe ukuveza inkohlakalo komasipala. Uzofuna ukuveza i-ANC njengeqembu elikhohlakele. Uzofuna ukuthi i-IFP ibonakale njengeqembu elisebenzayo.”
UNdlovu uthe kuningi okusazoqhatha amaqembu, kodwa wathi akaboni umshado wawo uzoshabalala.
“Basazoqhubeka nokumbulana izinqe kodwa bazohlala ndawonye ngoba bayazi ukuthi kungonakala okuningi uma bangahlukana. Ukuhlukana kwabo KwaZulu-Natal kungachaphazela uhulumeni kazwelonke njengoba nakhona bebambisene. Ngakho ke ngicabanga ukuthi abaholi bakazwelonke angeke bayivume leyo nto.”