SISESIBI isimo eMozambique esidalwe yisishingishane nozamcolo ohlasele kuleli lizwe ngeledlule.
Ithimba labasizi selihlenge inqwaba yabantu abahlalele ovalweni ezindaweni okubalwa eBeira eMozambique.
NgoLwesithathu leli zwe lihlaselwe yisishingishane esinamandla ngokwedlulele sacekela phansi izingxenye eziningi zezwe kwashona nenqwaba yabantu.
Abanye abantu abasindile bahlengwe wukunotela ezihlahleni nokugibela phezu kwezindlu. Laba bantu bahlale kulezi zindawo isonto lonke belinde ukuthola usizo ngenxa yokuthi izingxenye eziningi zezwe ziphenduke imifula.
Edolobheni iBeira eMozambique, kubikwe ukuthi imigwaqo eminingi igugulekile nokwenza kube nzima ukuhlenga abantu bakule ndawo ababhekene nesimo esinzima. Iningi labantu bakule ndawo baze basizwa abafike ngendiza enophephela.
Owesilisa uthathwe emi ebhulohweni elihambe nezikhukhula eChimanimani, eZimbabwe ngoMsombuluko. Isithombe: AP Photo/Tsvangirayi Mukwazhi
Lesi sishingishane u-Idai sicekele phansi idolobha iBeira maqede sadlulela ezweni elingumakhelwane iZimbabwe naseMalawi.
Isishingishane siqhubekile nokudala umonakalo njengoba silokhu sinyukile isibalo sabashonile nabadukile.
Kulotshwe besalinganiselwa ku-200 abantu abashone eMozambique kwathi eZimbabwe balinganiselwa ku-98. Kusalindeleke ukuthi isibalo sabashonile senyuke ngenxa yokuthi abosizo lokuqala basalokhu beqhubekile nokusiza nokuthungatha abanye abantu.
Kwenzeka lokhu nje iMozambique isanda kukhombisa ukuba nesimo somnotho esinconywana kulandela ukubhekana nesimo esinzima eminyakeni edlule ngenxa yezikweletu. Okwenzeke kuleli sonto sekuholele ekutheni iMozambique imenyezelwe njengendawo evelelwe yinhlekelele.
Balinganiselwa ku-200 abantu abashone eMozambique kwathi eZimbabwe balinganiselwa ku-98. Kusalindeleke ukuthi isibalo sabashonile senyuke ngenxa yokuthi abosizo lokuqala basalokhu beqhubekile nokusiza nokuthungatha abanye abantu abadlile ne-Cyclone Idai. Isithombe: AP Photo/Tsvangirayi Mukwazhi
Okhulumela iRed Cross uNksz Caroline Hagu, uthe ababhekene nakho kubi kakhulu futhi yinto engakaze ibonakale.
UMengameli waseMozambique Filipe Nyusi umemezele izinsuku ezintathu zokuzila, kusukela ngoLwesithathu. Uthe balinganiselwa kwinkulungwane abashonile kulezi sigameko.