IBAMI emphinjeni eyokungaqoqwa kukadoti oyizindimbane ophihlika koplastiki emigwaqweni abahlali baseMlaza, eThekwini.
Banovalo lokuthi kuzobheduka izifo ngenxa yephunga elidabula ikhanda namagciwane aphuma kulo doti osekuphele amasonto amabili ungalandiwe.
Ubingelelwa udoti ogcwele phansi uma ungena eMlaza ngomgwaqo uMangosuthu Highway uyokufaka ezitolo esigcemeni kwa-V.
Udoti ugcwele ngisho emasangweni enyuvesi iMangosuthu University of Technology nasenxanxatheleni yezitolo KwaMnyandu. Igcagcele esokeni emaphareni apequlula lo doti ekubeni izingane ezincane zidlala ngawo, zingazi nanyaka.
Konke lokhu uMasipala weTheku uthi kubangelwa inhlangano yosomabhizinisi bendawo abamise ukuqoqwa kukadoti ngoba befuna ukuqale baxoxe nobuholi beTheku.
Laba bantu kuthiwa basongela abasebenzi abaqoqa udoti ukuthi bazobavakashela emakubo babenzakalise uma beke bawuqoqa.
UMnuz Philani Khuzwayo umhlali osigcemeni kwa-V, uthi sekunesonto udoti ungalandwa kubona. UKhuzwayo uthi ubuqoqwa iloli njalo ngoMsombuluko.
“Sinovalo lokuthi kuzobheduka izifo, sigule. Sicela ulandwe udoti ngokushesha,” kusho uKhuwayo othe abazi kungani ungasaqoqwa udoti.
UMnuz Linda Mkhize wasesigcemeni kwa-D uthe ibaphatha kabi eyokungaqoqwa kukadoti. UMkhize uthi kamuva ibisigadwa imoto eqoqa udoti njengoba sekuthule nya.
“Iyalungiswa iphinde iqale phansi inkinga yokuqoqwa kwadoti eMlaza. Asazi yini esiphinde yaholela ekutheni ungaqoqwa udoti? Sike sezwa abanye abasebenzi bethi abaholelwe, esingazi noma kuyiqiniso yini lokhu,” kusho uMkhize.
Owesifazane onetafula elidayisa imifino nezithelo ezitolo kwa-V, ubenengekile wangathanda nokusho igama lakhe, uthi uhlezi nenkunkuma kadoti ongaqoqiwe eduze kwakhe.
“Kungiphatha kabi ukungaqoqwa kukadoti osuhlale isonto lonke. Ngiphefumula umoya ongcolile onamagciwane aphuma ezibini. Ayilungiswe ngokushesha le nkinga ngoba sizogula,” kusho umdayisi.
Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uxolisile kwizakhamizi ngokungaqoqwa kukadoti amasonto amabili. Ucele abantu ukuthi bawugcine emizini yabo bazobazisa uma sekumele bawubeke emgwaqweni usuqoqwa.
Uthe abasebenzi abaqoqa udoti eMlaza abangu-300 sebebathumele kwamanye amadepho ngoba ngeke bahlale emakhaya bangenzi lutho.
UMayisela uthe kunabaphazamisa ukuqoqwa kukadoti ngokuthi basabise laba basebenzi ngoba bethi bafuna ukuxoxa nobuholi beTheku.
“Ababoshwe laba bantu ngoba ubunswelaboya le nto abayenzayo. Laba bantu basongela abasebenzi, bathi uma beke basebenza bazobabamba ngoba bayazi lapho behlala khona. Umasipala usuyisisulu ngokunakekela kwawo umphakathi,” kusho uMayisela.
Izinkinga mayelana nokuqoqwa kwadoti ziholele ekutheni umkhandlu ukubuyisele ngaphansi kolawulo lwawo lolu hlelo. Phambilini ubuqoqwa izinkampani ezizimele.
UMnuz Sphiwe Hadebe ongumkhulumeli wenhlangano yosomabhizinisi abasathuthuka, iDurban South Business Consortium, uthe uzogcina uhlalile nabo etafuleni umasipala futhi ubanike umsebenzi wokuqoqa udoti eMlaza. Uthe umkhandlu awunalo iqiniso kodwa uma uhlala nabo phansi kuzophunywa nesisombululo.
UHadebe uthe awukwazi umkhandlu ukubaphuca isinkwa belambile uphenduke umagayazidlele.
“Uyazi umkhandlu udoti uwuqoqa ugcinephi bese kungena thina osomabhizinisi abasathuthuka. Kungani uMlaza uqoqelwe wumasipala udoti ekubeni wonke amanye amalokishi kusebenza izinkampani ezisathuthuka?” kubuza uHadebe.