KUPHENYWA isihlabani somculi kamaskandi, uKhuzani Mpungose, ngokunyamalala kwenkosikazi yomuntu, uNkk Lungi MaBiyela Hadebe nezingane zakhe ezimbili, okungeyentombazane neyomfana. Lesi sigameko senzeke endaweni yaseNkonise, eNkandla, ngaphansi kwenkosi uMbhele ngoLwesine olwedlule.
Isolezwe lithole ukuthi uNkk Hadebe, obeyilungu leqembu lesigekle, unyamalale nezimpahla zokugqoka, isamba semali elinganiselwa kuR70 000. UKhuzani uvumile ukuthi usethintwe kaningi ngabaseshi, bemphenya ngalolu daba.
“Wudaba oseludumile impela lapha eNkandla,” kusho uKhuzani. Yize uKhuzani ephika elala ngomhlane ukuthi uyazana nalo mkhonyovu kodwa uthe kunomuntu wakwaHadebe okugcizelelayo ukuthi nguye oqole umndeni. “Sebebaningi abantu asebeqolwe ngegama lami. Angisazi ukuthi ngenzenjani,” kusho lo mculi.
Isolezwe lithole emithonjeni emithathu ukuthi uNkk Hadebe unyamalala nje wayexhumane ku-facebook nalo muntu ozibiza ngoKhuzani ngemuva kokuba ethole ukuthi kunomcimbi ozokuba kubo kalo maskanda.
Kuthiwa lo “Khuzani” wathi uzobasiza labo mama uma bezoshintsha isigqi sibe esikamaskandi futhi wabe esebafuna imali, okuyinto eyabathusa abanye omama kodwa uMaBiyela noHadebe baqhubeka nokuxhumana no“Khuzani’ futhi babaxosha abanye omama ababefuna ukumbona ngamehlo lo “Khuzani.” UHadebe wagcina esekhokhela labantu uR7 000 futhi wabanikeza neveni eyiLong Base, athi lo “Khuzani” izofakwa isithombe nombhalo kaMaBiyela. Kuthiwa “uKhuzani” wenzela uMaBiyela iCD engumbombayi ngoba yayinesithombe sakhe kodwa kucula abanye abaculi besilisa ngaphambi kokuthi athi abalethe le veni. Ngemuva kwalokho, lo “Khuzani” wabe esethumela abantu ababelethe kwakhe uR70 000 maqede bathi akeze eGoli ezolanda ikhumbi enguSiyaya. UHadebe uthe eseya eGoli ngoLwesithathu olwedlule, lo “Khuzani” wangabe esazibamba izingcingo zakhe kanti uzothi ebuyela kwakhe, wafika uMaBiyela nezingane zabo ezimbili bengasekho.
Ethintwa uHadebe uthe amaphoyisa amdonse ngendlebe ukuthi angaphawuli ngalolu daba ngoba selusemaphoyiseni.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseNkandla aphenya icala ngokunyamalala kwabantu abathathu.