KUNGENZEKA izithole isijika nelanga indoda ebiqeqeshelwa umsebenzi esibhedlela saseMlaza, iPrince Mshiyeni Memorial okuthiwa ibhale imibhalo eshaqisayo enkundleni yokuxhumana isabisa ngokudlwengula ingane yakwamakhelwane.
Izolo uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo, uthe indoda, ebiqeqeshelwa umsebenzi ophikweni lwezezimali, isisusiwe esibhedlela.
Lokhu kungenxa yokubikelwa kwabo ngombhalo okuthiwa iwubhale enkundleni yokuxhumana iFacebook lapho ithe khona ifuna ukudlwengula ingane yakwamakhelwane wayo eneminyaka ewu-10.
UDhlomo uthe basheshe balusukumela udaba emuva kokudingidwa kwalo ngabantu enkundleni yokuxhumana.
“Sesitshele abaphathi basePrince Mshiyeni Memorial ukuthi bamsuse lo muntu kuze kube kuvela imiphumela yophenyo,” kusho uDhlomo.
Uthe ngaphandle kokuba ngungqongqoshe, undunankulu wamqoka ukuthi abe ngusihlalo wophiko lwamadoda kulesi sifundazwe, iMen’s Forum.
Uthe ngeke bakwazi ukwamukela ukuthi babe nabantu abanemicabango efana nalena bebe bethi bavikela abantu besifazane nezingane.
Uxwayise abasebenzi bezempilo ngokubaluleka kokuziphatha ngenhlonipho ezinkundleni zokuxhumana - wathi ngisho kungathiwa indoda ibingeyena umsebenzi kahulumeni kodwa kufanele baxwayise abasebenzi ngalo mkhuba.
Indoda, igama layo eligodliwe, ibhale kanje enkundleni yokuxhumana:
“Ingane yakwamakhelwane ina-10yrs kuthi angiyidlwengule nyi! nyi! Kuphele ukuphapha.”
Kuyo inkundla yokuxhumana kukhona abazwakalisa ukumangala ngombhalo wayo.
Ihlule noma sebeyikhuza abanye kodwa yaphikelela ibaphendula ngokunganaki.
Ize yasola omunye kwabakade beyikhuza ngokuthi uzama ukuyixoshisa emsebenzini.
Kwale noma sekubhala obambe kwesokuba yinhloko yoMnyango wezeMpilo, uDkt Musa Gumede, isho ukuthi bazama ukuqinisekisa ukuthi ingumsebenzi womnyango yini ukuze bathathe izinyathelo ezifanele.