KUBUKEKA kudungeke umlayezo odabeni olushicilelwe ngoMsombuluko ngaphansi kwesihloko esithi "Isiphakamiso sokuncisha izibonelelo zikahulumeni abangavoti", kwezwakala sengathi lokhu kungumbono wesishabasheki esifundisa ngentando yabantu, uNksz Mbali Ntuli.
Empeleni indaba yezibonelelo ibingumbono othushuke ezingxoxweni ebezivutha uphondo ngesikhathi abe-Independent Electoral Commission (IEC) benomcimbi wokugqugquzela intsha ukuba ibhalisele ukuvota.
Kulo mcimbi obungoLwesihlanu, eMsunduzi Athletics Club, eMgungundlovu, uNksz Ntuli owake waba yilungu lesiShayamthetho KwaZulu-Natal uphendule lesi siphakamiso ngencazelo ethi umbono onjengalowo udinga abashayi bomthetho okungamaqembu epolitiki.
UNksz Ntuli, osekhaleni lenhlangano yamalungelo abantu, iGround Work Collective, wexwayise ngokuthi leli qhinga lingadala ukukhuluma.
"Lowo mbono ungashiya imibuzo eminingi ngoba kungabe sekusho ukuthi abantu baphoqiwe ukuthi bavote,” usho kanje uNksz Ntuli.
Isikhulu sakwa-IEC esisohlakeni lezokuxhumana nezinhlaka, uMnuz Mmakgabo Ramatlhodi, sithe ukushintsha umthetho kungadinga ukuba iningi lamaqembu ezepolitiki livumelane.
URamatlhodi uthe ukungaphumi ngobuningi kwabantu uma kunezinketho kunomthelela ongemuhle ekuphathweni kwezwe.
Uthe kufanele kugxekwe ukungaphumi kwabantu ngobuningi okhethweni lwangonyaka owedlule ngokuhlehla kwenkulumo yesabelomali, obekufanele yethulwe uNgqongqoshe wezeZimali, uMnuz Enoch Godongwana, ngeledlule.
“Ngenxa yokuthi abantu abaphumanga ngobuningi, sizithola singaphansi kwesimo lapho khona isabelomali singazange sethulwe.”
Isikhulu se-IEC KwaZulu-Natal, uNkk Ntombifuthi Masinga, sithe bazosebenzisana nezikhungo zemfundo ephakeme kanye nezikole ukugqugquzela intsha ukuba ibhalisele ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya oluzokuba ngonyaka ozayo.
Isolezwe lithi yobe kuNksz Ntuli nabanye abathole umbiko wethu unganambithisiseki ekubeni lesi sithangami besimayelana nokufundisa abantu ngobumqoka bokubamba iqhaza ekuphathweni kwezwe.