UYIKHOMBA ngenjumbane iPostbank, ngakubize ngenhlekelele ohlelweni lokushintshwa kwamakhadi akwa-Sassa kwabahola izibonelelo ngaphambi komnqamulajuqu ongenyanga ezayo, uNgqongqoshe wezeNhlalakahle uNksz Nokuzola Tolashe.
UNksz Tolashe ugeqe amagula evulela isifuba amalungu ekomiti lezeNhlalakahle ePhalamende ngenkinga yokushintshwa kwamakhadi. Uthi iyinhlekelele futhi alukho nohlelo iPostbank enalo lokubhekana nale ngqinamba eliyidalile.
Ungqongqoshe uthe abantu babanyokoloza kabi, bebabuza ukuthi yini babe nonya kanje bengumnyango kanjalo ne-Sassa ngenxa yezinkinga kulolu hlelo.
Ubalise nangosizi alufice ezikhungweni ezehlukene azihambele lapho ebone izaguga, abagulayo belinde kolayini abade phakathi kwamabili ngoba bejahe ukuthi bangagcini sebengayitholi imali yabo uma kushaya umnqamulajuqu wangoMashi 20, wokushintshwa kwamakhadi.
“Ngifice usizi, abantu abezwa mshini, bafuna ukushintsha amakhadi ngenxa yenkinga edalwe yiposi. Akuthina esidale le nkinga kodwa iposi, elingenalo nohlelo lokuthi lizolehlisa kanjani ixhala elilidale kubantu abadala. Esingakusho nje kubantu bethu ikakhulu abadala abasahola ngamakhadi ayigolide akwa-Sassa, ukuthi siyaxolisa ngale nhlekelele, le nkinga ayidalwanga yithina,” kusho uNksz Tolashe, izolo.
Ukhale ngokuthi kwezinye zezikhungo noma sebevukile abanye baze balala khona, kwenziwa amakhadi ambalwa usuku lonke.
“Kwesinye isikhungo esaya kusona eKapa, kwashaya u-1 emini kusenziwe amakhadi angu-12 kuphela. Umshini wabo ukwazi ukwenza amakhadi ambalwa, noma ungabacebisa abantu ukuthi benze ezinye izinhlelo basuke bengezwa lutho, becabanga ukuthi imali yabo ngeke bayithole,” usho kanje.
Uqhube wathi abakwazi ukululeka abantu ukuthi baye emabhange ngoba basolwa ngokuthi bafuna ukweba amakhasimende asePostbank, bawayise emabhange amakhulu.
“Sagxekwa kwathiwa sicekela phansi iPostbank ngokuthi sithi zikhona ezinye izindlela abantu abangazisebenzisa, bangaze balinde ukuwashintsha ezikhungweni ezehlukene ngoba angifuni ukuqamba amanga, ziningi izinkinga kulezi zikhungo. Kwathiwa sifuna ukuhambisa abantu emabhange amakhulu, okuyiwona aseduzane nabantu.”
Uthe kubalulekile ukuthi iPostbank ifike izochazela ikomiti ngale nkinga.
Usihlalo wekomiti uNksz Bridget Masango, uzwakalise ukucasuka ngokuthi iPostbank ayizange ibabhalele ekubeni babeyinxuse ukuthi ichaze kabanzi ngokuthi izoyixazulula kanjani inkinga.
UNks Tolashe uthe kumele nakanjani ibizwe izophendula iPostbank, bangafeli izono zabanye.
Abecasukile amalungu ekomiti ethi ezikhungweni azihambele afice isimo sisibi, kunolayini abade futhi nohlelo lokushintshwa kwamakhadi beluhamba ngelonwabu.
Aveze ukuthi kumele nakanjani iPostbank ibizwe izophendula ePhalamende ngoba ikomiti linamandla okubiza noma isiphi isikhungo sikahulumeni, ukuzophendula.