UKUQINISEKISA ukuthi izibhedlela zasemakhaya kazisaleli emuva ngezinga okulashwa ngalo iziguli, inkampani yezimayini, i-South32 Hillside Aluminium, isinikele ngemibhede ewu-56 yezingane ezigulayo esibhedlela iQueen Nandi, eMpangeni, enyakatho yaKwaZulu-Natal.
Le nkampani ibingaqali ukunikela ngalolu hlelo elwenze eQueen Nandi, njengoba eminyakani emithathu edlule itshale imali engaphezu kuka-R30 million ezinhlakeni zezempilo kuso lesi sibhedlela nesinye esikhona eMpangeni, iNgwelezane.
Isekela lomphathi obhekele ukusebenza kwe-South32 Hillside, uMnuz Calvin Mkhabela, lithe baziqhenya kakhulu ngomsebenzi abawenze kulesi sibhedlela, lathi bakholwa wukuthi kuzosiza ukuqinisekisa ukuthi izingane zinakekelwa ngendlela efanele.
Lesi sibhedlela singesinye sezenza umehluko omkhulu kule ndawo njengoba ngonyaka sivame ukusiza ukubelethisa abantu besifazane abalinganiselwa ku-8 000 nabawu-2 000 abasuke bedinga usizo olumayelana nokukhulelwa nokunye.
Ngaphezu kwalokho, le nkampani isanda kubambisana neQueen Nandi ohlelweni okwatshwala kulona imali eyafinyelela ku-R6.8 million. Enye yezinto eyenzeka ngalolo hlelo yizinsizakusebenza nemishini yokubhekana negciwane iCovid-19 ngo-2021. Ngo-2022, kwafakwa imishini yase-ICU emagumbini okwelashwa izingane kuwona, kanjalo nomshini wamehlo osiza ukugwema ukuthi izingane ezisanda kuzalwa zingaboni emehlweni.
Le mibhede esanda kunikelwa manje yenzelwe ukuqinisekisa ukuphepha kwezingane, ikakhulu ezisanda kuzalwa kuya kwezineminyaka emihlanu - okuzoba wusizo emphakathini wakuMasipala iKing Cetshwayo, Zululand noMkhanyakude.