UKHALA ngobunzima bokuhlala emjondolo ongasifanele isimo sakhe sempilo, esaguquka mhla esinda esigamekweni “sokunqunywa” uqhoqhoqho nguyise wengane, owesifazane waKwaSanti, ePinetown.
Elandisa ngokwamehlela, uNksz Slindokuhle Mbatha (31) uthe kwakunguMashi 2015, ngesikhathi uyise wengane yakhe “emnquma” emqashweni ababehlala kuwo eDassenhoek.
Uthe wayegcine emvulela umnyango, efika kade egodukile, waze waphaphama esibhedlela.
“Wayeqonde ukungibulala, waphazanyiswa abesifazane abadlula ngasemqashweni wethu, abangqongqoza kade bengizwa ngikhala,” kusho uNksz Mbatha.
Uthe ngesikhathi bephusha umnyango ngesankahlu laba besifazane, umsolwa waphuma eyinhlamvu, ebaleka.
Uveze ukuthi wahlala izinyanga eziyisithupha esibhedlela, abezempilo, bezama ukuhlenga impilo yakhe, engabange isafana nakuqala.
“Ngaphuma sengingasakwazi ukukhuluma kahle njengoba kwalimala igilo. Kwaphoqa ukuthi bangibhoboze imbobo emqaleni njengoba ukulimala kwami emqaleni kwase kuthikameza indlela yokuphefumula,” usho kanje uNksz Mbatha.
Uthe emva kwesigameko, akabange esakwazi ukuzibambela amatoho njengoba isimo sakhe sase siguqukile.
Umjondolo ahlala kuwo usendaweni enezintuli, abezempilo abamtshela ukuthi azisilungele isimo sempilo yakhe.
Uthe uma kushisa kakhulu, uyacinana umphimbo, angakwazi ukuphefumula kahle, kanti uma kubanda kakhulu, nakhona uba nenkinga efanayo njengoba umjondolo uvele ingenise amakhaza.
“Ngifisa ukuthola usizo lokwakhelwa noma yindlu enamagumbi amabili, ukuze ngikwazi ukumelana nesimo sami esesishintshe unomphelo,” kusho yena.
Uthe imali yesibonelelo sokukhubazeka yavaleka ngoJuni wonyaka odlule.
Unezingane ezimbili; eneminyaka emithathu neneminyaka emihlanu. Abenayo nomsolwa, ishone ngoyaka odlule ineminyaka engu-11.
Udalule nokuthi yize waphuma esibhedlela wathola ukuthi umsolwa usale waboshwa kodwa wabuye wathola ukuthi inkantolo yabuye yamdedela, ithi abukho ubufakazi obuphathekayo, yize kwakunesitatimende ayezivumela kuso ukuthi ubemnquma.