Usomaabhizinisi odume ngokuphuma engena njengenaliti emaqenjini ezepolitiki uDkt Ziba Jiyane, uthe kunyakaze uhlanga lomzabalazo wanquma ukujoyina iqembu elisha uMkhonto weSizwe.
Iqembu uMkhonto weSizwe elisematheni, lethulwe owayengumengameli uJacob Zuma ngoDisemba wonyaka odlule.
UZuma kumanje uphansi phezulu ukhankasela uMkhonto weSizwe unyundela i-ANC uthi abantu abayishalazele okhethweni.
UJiyane owake waba sebuholini be-IFP, uthe ujoyine uMkhonto weSizwe emasontweni amabili edlule. Uthe kunyakaze uhlanga lomzabalazo lwamnqoba waziyela yena eqenjini likaZuma.
“UMsholozi sasinaye kudala emazweni angaphandle mina ngikwi-Apla okungamasosha ePAC, sasinabanye abaningi, oMoses Mabhida. Uma uZuma eseqhamuka naleli qembu livele layithola indawo kimi,’’ usho kanje.
UJiyane wayephethe isikhundla sikanobhala-jikelele kwi-IFP, waphinda waba wusihlalo wayo kazwelonke ngaphambi kokuphuma inxiwa. Wasungula iqembu iNational Democratic Convention (Nadeco) nakuyona kwaba nezinkinga kwaqembuka abanye.
UJiyane uke wayamaniswa neDA eyilungu layo kodwa nakhona wabuye washiya wazama ukubuyela kwi-IFP. Kule minyaka edlule uke wavuka wathi efuna ukuba wumengameli we-IFP.
UJiyane, othe usewumfundisi webandla iNdlu yaMandla, eNseleni eMpangeni, uveze ukuthi akajahe sikhundla, uzoba yilungu nje elejwayelekile. Uthe ubona uMkhonto weSizwe uzoba yikhaya lakhe lezepolitiki elikahle ngoba kwamanye amaqembu uxoshwa yimikhuba emibi.
“Kukhona abantu abavalela abanye bengafuni bangene babambe iqhaza emaqenjini. Kade sengizihlalele nginake isonto ngingasayingeni eyepolitiki kodwa ngibone uMsholozi eseqhamuka nento enhle. Mina ngiyisishoshovu senkululeko nginentshisekelo ngezwe,’’ kulanda uJiyane, egxile kakhulu esingisini uma ekhuluma.
Uthe ngesikhathi kuvela izindaba zokujoyina kwakhe kube nesasasa eqenjini uMkhonto weSizwe amalungu ethi amfuna kwesobuholi. Uthe akuyona into ephambili leyo ufisa ukuba yilungu nje athunywe noma kuphi lapho kufuna khona iqembu.