IMVULA yakamuva ebibonakala ezingxenyeni eziningi zezwe emasontweni edlule, ilekelele ukuthi kunyuke izinga lamanzi nokuyinto ebidingeka kakhulu kuleli kodwa uhulumeni usanxusa emiphakathini ukuthi iwonge.
Umbiko woMnyango wezaManzi nokuHanjiswa kweNdle okhishwe ekuqaleni kwesonto, uveza ukuthi amanzi agciniwe ezinqolobaneni zezwe lenyuke lafinyelela ku-89.8% kuleli sonto, esuka ku-86.2% wangesonto eledlule. Yize kunjalo lokhu kukhombisa ukuncipha uma uqhathanisa no-94.3% wangesikhathi esifanayo ngonyaka owedlule.
Ngokwesitatimende esikhishwe umnyango, izifundazwe eziningi zithole amanzi athe xaxa kuleli sonto, ngaphandle kweGauteng kanye neWestern Cape okuthiwa khona amanzi anciphile ngo-0.4% no-1.2% ngokulandelana. Yize kube nemvula eGauteng, izinga lamanzi lehlile lafinyelela ku-85.9% kuleli sonto kanye no-86.3 ngesonto eledlule.
Lokhu kungukwehla okukhulu uma uqhathanisa ngesikhathi esifanayo ngonyaka owedlule lapho amanzi ayeku-101.8%. EWestern Cape kwehle kwafinyelela ku-82.3 kuleli sonto kanti ngeledlule kufinyelele ku-83.5%. Lokhu kukhombisa ukwenza kangcono uma uqhathanisa no-61.2% wangonyaka owedlule ngesikhathi esifanayo. ELimpopo kuleli sonto izinga lamanzi beliku-81.7%, ngeledlule liku-78.8%, eMpumalanga ngeledlule belingu- 92.5%, kuleli sonto lingu-95.4%, eNorth West ngeledlule beliku-79.9% kuleli sonto liku-80.1%. ENorthern Cape kuleli sonto lifinyelele ku-81.5% lisuka ku- 80.8% wangeledlule. E-Eastern Cape lifinyelele ku- 84.7% kuleli sonto lisuka ku-84.2% wangeledlule. KwaZulu-Natal lisuke ku-82.3% wangesonto eledlule lafinyelela ku-84.2% kuleli sonto kanti eFree State lifinyelele ku- 92% kuleli sonto lisuka ku -86.4% wangesonto eledlule.
Umnyango uyakuvuma ukuthi kukhona izindawo ezisenenkinga yamanzi kwezinye izingxenye zezwe kanti uyagcizelela ukuthi kunemizamo yokulungisa le nkinga yokushoda kwamanzi. Ngokwesitatimende, omasipala bayalekelelwa ngoxhaso oluhlukene okukhona kulo neRegional Bulk Infrastructure Grant nezinsiza zokwakha, ukuvuselela nokulungisa ingqalasizinda yamanzi.
Ngonyaka owedlule, uNgqongqoshe uMnuz Senzo Mchunu uxhumane nezinhlaka ezehlukene ukuzama ukuxazulula izingqinamba ezivimba ukuthi kuqhubeke izinhlelo zengqalasizinda okuzoholela ekutheni kube nokuhlinzekwa kwamanzi okunozinzo. Umnyango uthe uyanxusa ukuthi abantu baqhubeke nokusebenzisa amanzi ngokuwonga futhi babike uma kukhona abacekela phansi ingqalasizinda yamanzi.