UDLE umhlanganiso uthishomkhulu omncane kepha onamasu amahle okuphatha kahle isikole.
Uthishomkhulu waseMpangeni High, uMnuz Sizwe Zwane (34) udle umhlanganiso kwiNational Teachers Awards ka-2022 emunxeni, wokuphathwa kahle kwesikole i-Excellence In Secondary leadership ngeledlule.
UZwane onguthishanhloko wokuqala omnyama ukuphatha lesi sikole uqale ukusihola ngo-2018. Uthe ufike ezophatha umnyango wesayensi neMaths ngo-2016, wakwazi ukukhuphula izinga lokuphasa kwabafundi ezifundweni, kwaphela unyaka esenikwe isikhundla sokuba yibamba likathishanhloko.
"Kujabulise kakhulu ukuthi ngichonywe uphaphe lwegwalagwala ngokwenza umsebenzi wokuthuthukisa ezemfundo okuwumsebenzi enguwuthandayo," kusho uZwane.
Uthe ubeqhathwe nothishanhloko bakwezinye izikole ezikwezinye izifundazwe, yena emele iKwaZulu-Natal. Uthe ngesikhathi bephonswa imibuzo ngokuphatha izikole babuzwe ukuthi yini eyenziwa isikole ehambisana nezobuchwepheshe.
Isikole siyaziwa ngokuthi singesinye salezo ezihamba phambili ngezifundo zobuchwepheshe.
"Kunezifundo esizifakile esikolemo okuyiCoding and Robotics, iFashion design neMarine Science. Singabokuqala esifundazweni ukufundisa lesi sifundo," kusho uZwane.
UZwane uthe okunye acabanga ukuthi kumnike amaphuzu ukuthi kunabafundi besikole asebeke baya phesheya beyodlala ihockey. Nguyena umbhidisi wekwaya esikoleni, uthe nonyaka isikole sidle umhlanganiso kabili emculweni. Siwine i-ABC Motsepe saphinde sawina kwi-ATKV.
UZwane uneziqu iBSC in Environmental Management ayithole eNyuvesi iZululand, iMaster of Education (Education Management), iPostgraduate Certificate in Education (PGCE).