IKHONA inhlansi yethemba lokuphela kwesiteleka sabasebenzi benkampani yamabhasi, iPutco, esesithathe amasonto amathathu.
Laba basebenzi bafuna ukukhushulelwa amaholo ngo-6% futhi bakhokhelwe amabhonasi abo kusukela ngo-2020.
Umqashi ubeke etafuleni u-3% nokuyinto engabagcilisanga abasebenzi njengoba baqhubeka nesiteleka esingavikelekile.
Ngesonto eledlule, ngokomkhulumeli wayo uLindokuhle Xulu, le nkampani ixoshe abasebenzi abangu-105 ngoba bejoyine lesi siteleka.
UXulu watshela abezindaba ukuthi bonke abasebenzi abebetelekile bathunyelwa izincwadi ezibayalela ukuthi kumele basho ukuthi kungani inkampani ingafanele ukubaxosha njengoba bengenele isiteleka esingavikelekile?
NgeSonto, inyunyana yabasebenzi iNumsa nayo le nkampani babe nomhlangano obuwengamelwe yikhomishini ebhekelele izinkinga zabasebenzi, iCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA).
“Sibe nomhlangano othathe amahora angu-12 neCCMA ngeSonto, isilekelela ngesixazululo esizosiza wonke umuntu ngalesi siteleka sabasebenzi,” kusho uXulu.
UXulu uqhubeke wathi kukhona abakubeke etafuleni ngethemba lokuthi abasebenzi bazokwamukela ukuze umsebenzi ubuyele esimeni esijwayelelike.
Kulindeleke ukuthi inyunyana yabasebenzi ixhumane nabasebenzi namuhla ibathulele okubekwe wumqashi etafuleni.