ZIHLABANA amalunda ngoMsombuluko eNkantolo yezoKhetho, phakathi komholi weMK uMnuz Jacob Zuma, noMnuz Jabulani Khumalo ababanga ubuholi beqembu. INkantolo yezoKhetho ezinze eBloemfontein, eFree State, isebenza izindaba eziphathelene nokhetho kuphela.
UKhumalo owabhalisa iqembu, ufake udaba enkantolo ecela ukuthi kuchithwe uZuma kubuyiselwe yena njengomholi.
UZuma umemezele iMK ngoDisemba nyakenye wathi uzoyikhankasela futhi ayivotele. Wathi akasayingeni eye-ANC. Kuhambe kwavela ukuthi uZuma usebhaliswe njengomholi kwi-IEC, kwaphuma uKhumalo.
UZuma uhambe waze wafakwa waba wubuso beqembu emaphepheni okuvota okungenwe ngawo okhethweni. Kuhambe kwavela ukuthi uKhumalo uxoshiwe eqenjini kodwa yena ekuphikisa lokho.
UKhumalo wayibhalela i-IEC eyicela ukuthi isuse uZuma njengomholi ifake yena kodwa yamchitha. I-IEC yathi ime ngencwadi kaKhumalo owayibhalela eyicela ukuthi ifake uZuma njengomholi.
I-IEC yathi umuntu ezomlalela nguZuma ngoba nguyena umholi weMK futhi ayingene embangwnei wezikhundla ngaphakathi.
UKhumalo ubelele isibili ohlwini lweMK lwabaya ePhalamende, elandela ngemuva kuZuma obephezulu eqhulwini. UZuma uchithwe yinkantolo ohlwini lwasePhalamende nokusho ukuthi izikhala ezivulekile esakhe nesikaKhumalo.
UKhumalo ofake isimangalo enkantolo umile ekutheni nguyena umholi osemthethweni weMK. UKhumalo ukuqinisekisile ukuthi udaba lwakhe luzongela eNkantolo ngoMsombuluko lapho oluzolalelwa khona.
Kulindeleke ukuthi abameli bakaKhumalo benze izethulo phambi kwamajaji bawachazele ukuthi kungani efuna ukubiyiselwa eqenjini njengomholi.
IMK selokhu imenyezelwe ibigqigqa ezinkantolo ivika izagila ezivela kwi-ANC. I-ANC yamangalela iMK iyisola ngokweba igama layo kodwa yafika yanqoba iMK enkantolo.
Kuphinde kwavela elinye icala elangena eNkantolo eNkulu eThekwini, kubangwa uphawu lweMK nakhona futhi i-ANC yakhala ngaphansi.
Kwenzeka konke lokhu nje iMK igila izimanga okhethweni oluqhubekayo njengoba kusabalwa amavoti.