IZINYUNYANA zifuna ukuthi uhulumeni aholele abasebenzi be-Expanded Public Works Programme (EPWP) uR23.19 ngehora, hhayi uR12.75 abazowuthola njengoba kunyuswe iNational Minimum Wage (NMW).
Izolo, inyunyana iSolidarity ithe uhulumeni kufanele alulaxaze uhlelo lweNMW ngoba luhlukanisa abasebenzi phakathi.
“Uhulumeni ufike athi abasebenzi abaholelwa kancane mabahole okungenani uR23.19 ngoba ekhuluma nabaqashi abazimele. Yena uholela abasebenzi be-EPWP, uR12.75. Kungani engabaholeli abe-EPWP uR23.19? Sekuyisikhathi sokuthi uhulumeni ashaye umthetho ofanayo kuwo wonke umuntu nakuwo wonke amabhizinisi. Akangadlali ngabaqashi abazimele abenzise into emehlulayo,” kusho uMnuz Theuns du Buisson, weSolidarity.
Kusukela ngoMashi 1 nonyaka, abasebenzi abahola kancane kufanele baholelwe uR23.19 ngehora, akubalwa abasebenza emafemini kuphela kodwa nabasemaplazini nabasezindlini.
Ngokwegazethi yoMnyango wabaSebenzi, umqashi ongakwazi ukuholela abasebenzi uR23.19 ngehora kufanele abeke izizathu ezenza ahluleke bese ephenywa wumnyango ukuthi uzohluleka ngempela yini.
Kolunye uhlangothi iPublic Servants Association (PSA), ithe iyasamukela isinqumo sokwenyuswa kweNMW nokuthi kufakwe abasebenzi basezindlini kulolu hlelo.
Ithe kungakuhle uhulumeni acabangele nabasebenzi be-EPWP abafake kulolu hlelo. Iqhube ayathi yethemba ukuthi uhulumeni ngeke abe nenkinga uma izinyunyana sezicela ukuthi anyusele abasebenzi bakahulumeni imali ezingxoxweni zamaholo zalo nyaka.
Igcizelela ukuthi sekuyabiza ukuphila eNingizimu Afrika, ngakho amaholo mawahambisane nesimo sempilo esiqhubeka ezweni.