KUMISIWE ukufunda esikhungweni semfundo ephakeme i-University of KwaZulu-Natal (UKZN) kulandela imibhikisho yabafundi enodlame kuleli sonto.
Le nyuvesi ikhiphe isitatimende yazisa abafundi nabasebenzi bale nyuvesi ukuthi imise ukufunda ngoba isabela ukuphepha kwabo.
“Ngenhloso yokuqinisekisa ukuphepha kwabafundi bethu nabasebenzi kanye nokuvikela ingqalasizinda yesikhungo, abaphathi bale nyuvesi bathathe isinqumo sokumisa ukufunda ezikhungweni zayo isonto lonke,” kusho isitatimende.
I-UKZN ithe ukumiswa kokufunda kuzovulela abaphathi nomkhandlu wezitshudeni ukuthi beqhubeke bexoxisane ngenhloso yokuxazulula izikhalo eziphakanyiswe yizitshudeni.
UNobhala womkhandlu wezitshudeni, uSiyabonga Khumalo, ukuqinisekisile ukuthi njengoba kumisiwe ukufunda bazoqhubeka behlangane nabaphathi bale nyuvesi ukuze bezoza nezisombululo zezikhalo eziphakanyisiwe.
Ukufunda enyuvesi kuzoqala ngoMsombuluko ngesonto elizayo.
Izitshudeni zishise ibhilidi lokufundela ngenkathi zibhikisha kule nyuvesi NgoLwesithathu.
NgoLwesibili kuthiwa izitshudeni zasophikweni iWestville ezibalelwa ku-500 ziphazamise ukufunda ngombhikisho lapho zijikijele amaphoyisa ngamatshe, zase zashisa ibhilidi lokufundela.
Zibhikishela izibonelelo ze-NSFAS, izindawo zokuhlala izitshudeni ezingekho esimeni nokuphepha ezindaweni ezihlala izitshudeni, nokunye.
Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aphenya icala lokudala udlame emphakathini kulandela lo mbhikisho.
Khonamanjalo, zidedelwe ngesexwayiso izitshudeni zasesikhungweni semfundo ephakeme iDurban University of Technology (DUT) emva kokuboshelwa icala lokuphula umthetho wenkantolo nokusabisa.
UPhumelele Ndimande, Siphokuhle Xolo noNokwanda Ndlovu bekulindeleke ukuthi bevele okukuqala enkantolo yemantshi yaseThekwini izolo emva kokuboshwa ngoLwesibili.
Laba basolwa abazange bevele phambi kwematshi kodwa bavumelane nomshushisi obengamele icala labo ukuthi bazokhululwa ngesexwayiso.
Kuthiwa abasolwa basabise abashayeli bamabhasi akule nyuvesi.
Amaphoyisa abe esengenelela ngenkathi lokhu kwenzeka base beboshwa.
Enkantolo bekukhona izitshudeni zaseDUT ukuzokweseka izitshudeni ebeziboshiwe.
Ukuboshwa kwale zitshudeni kulandela umbhikisho wezitshudeni obukule nyuvesi ophazamise ukufunda ngoMsombuluko.
Izitshudeni zitholane phezulu namaphoyisa ngenkathi zingenela umbhikisho, zikhala ngezidingo zazo okubalwa izibonelelo zokudla, ukuphepha kwezitshudeni kule nyuvesi nokunye.