KUSHINTSHE ukudla epuletini abe-AfriForum bengahambisani nesinqumo sikaMengameli waseMelika, uMnuz uDonald Trump sokufaka unswinyo eNingizimu Afrika oyalele nezikhulu zakhe ukuthi zibeke eqhulwini izinhlelo zozwamukela amaBhunu aseNingizimu Afrika nemindeni yawo njengababhacile.
UTrump ukusho lokhu ngesikhathi ephendula incwadi ayibhalelwa yile nhlangano ikhala ngokuhlukunyezwa uhulumeni wakuleli ngomthetho omusha wokudlla umhlaba.
UDirk Hermann weSolidarity ne-AfriForum utshele abezindaba ukuthi isinqumo seMelika asihlangene nabo, bona bengamaBhunu abayindawo.
Inkulumo yakhe ifane nomuntu othela amanzi emhlane wedada ngoba abaningi bebehuba ihobo elithi “abahambe abahambayo, sizosala siyincenga.”
Nakhu ukuphawula kwabantu ezinkundleni zokuxhumana
Kim Heller: Akekho umlungu oyisizukulwane sase-Afrika, abelungu baseNingizimu Afrika, njengami nabanye abafana noKallie Kriel we-AfriForum singabokufika e-Afrika, sibuya kwezinye izingxenye zomhlaba, i-Afrika ngeyama-Afrika.
Mbazima Shilowa: Anginankinga ngokuxoxisana, kodwa uqala ngaphi kumuntu omi ndawonye ongakaze anyakaziswe njengawe? I-VF Plus, i-Solidarity ne-AfriForum kusukela kudala ikholelwe emalungelweni obuqembu, hhayi amalungelo kawonke wonke. Kwakunjalo nangesikhathi beyiNNP ne-AWB. Yini okuzoxoxwa ngayo?
Phakamile Hlubi-Majola: Sibonga wonke amaMelika avotele uDonald Trump, ngenxa yenu abacwasi abayizitha zentuthuko balibangise lapho bezohlala njengababhacile ezweni lenu.
Prof Thuli Madonsela: Hhayi AfriForum, kumele nizithwese nina icala lokufafaza amanga ngemithetho yethu kanye nokusondelana nomuntu onezinhloso eziphikisanayo nezinqumo azenzayo e-US mayelana neNingizimu Afrika. Ningalushalazeli utaku lweni enizifake kulona.
Sanni Ngidi: Uma abe-AfriForum bengayi e-USA njengoba bebhekene nodlame, kufanelee babekwe icala lokuvukela uMbuso. Njengabantu baseNingizimu Afrika, ngeke sivume ukuthi kuphelele emyoyeni sengathi akwenzekanga lutho njengoba vele sebelahlekisele izwe izindleko eziningi ngezinsolo ezingelona iqiniso.