LUBUYA nesizini entsha kusasa uhlelo lapho abapheki kumele baveze khona ikhono lokushaya izibiliboco i-Colour Your Plate with KOO kwi-SABC2.
Lolu hlelo oselukwisizini yesine, luzodlala njalo ngoLwesibili ngo-7 ebusuku.
Abapheki kumele bazame ukugculisa amajaji ngekhono labo. Amajaji ngoThembisa Mdoda, Reuben Riffel no-Arthur Ramoroka, kanti abapheki abazobe bencintisana bangu-23.
Abazobe bemele iKwaZulu-Natal ngabapheki baseThekwini okungoBandile Madinane, Jarryd Reddy noJade Van Der Spuy.
Bazobe bezama ukuphinda okwenziwa wumpheki wakuleli dolobha uZandile Makhoba owanqoba kulo mncintiswano ngo-2021.
Masonto onke abapheki abane bazoncintisana besebenzisa imikhiqizo yakwa-Koo. Oyedwa udlulela emzuliswaneni olandelayo kuze kutholakale onqobile.
Khonamanjalo: Umsakazi woKhozi FM uSelbeyonce Mkhize uqalile ukubonakala kuZalo kwi-SABC 1 ngoLwesihlanu.
Yena noZukisa Moatola bamenyezelwe njengabalingisi abasha balo mdlalo okhonjiswa ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto.
USelby ozobe enguSelbeyonce osebenza esiteshini saKwaMashu iK-Mash FM.
“Ngiyajabula ukubuya kuZalo ngizolingisa ngiyimi futhi. Ukulingisa ngenye yezinto engizithandayo futhi kumnandi ukuba lapho kuqoshwa khona Uzalo,” kusho uSelby.
UZukisa odlale emidlalweni eminingi okubalwa kuyo i-Generations: The Legacy, The Queen, Scandal!, Isithembiso neminye uzolingisa indawo kaNoma-Russia Mkabile.
UNoma-Russia ungumnikazi wamatekisi ohlale ekuthola akufunayo noma ngabe kwenze njani.