UFEBHUWARI 14, wusuku oluhlale lulindwe ngamehlo abomvu ngabantu abaningi ikakhulu abasuke besebudlelwaneni bezothando. Yilapho abasebenzis lolu suku ukukhombisana ukuthi bathandana kangakanani ngokuphana izipho, ukuba ndawonye kujatshulwe nokunye okumnandi.
Nokho umsakazi woKhozi FM futhi owaziwa ngokwethula izinkulumo nezeluleko kwabathandanayo, ukuhlabe wahlikisa akubize ngomkhuba ongemuhle wabesifazane wokuthandela izandla, bangakhuthali ukwenza izinto ezinhle kubantu abathandana nabo ikakhulu ngosuku lwezithandani.
“Sinenkinga yokuthi ngalolu suku kuba nenkinga yokuthi abantu abathile besifazane bavele bafune ukuthi izinto ezinhle zenzelwe bona kuphela. Bafune ukuthi izipho nakho konke okunye okuhle kunikwe bona kanti akumele njalo ngoba uma abantu ababili bethandana kuwumsebenzi wabo bobabili ukwenzelana izinto ezithile ezinhle nezimnandi, ukuze ubudlelwano bothando buhlale buqinisile futhi bumnandi. Okunye engifisa ukukugcizelela ngalesi sikhathi wukuthi ukwenza izinto ezinhle kanjena nokuphana izipho ngalesi sikhathi kungapheleli kwabobudlelwano bobilili obehlukene kuphela kepha kube yivangeli esilishumayela nasekhaya emindenini yethu ukugcina kunemfudumalo,” kusho umsakazi.
UNksz Phumzile wePensGifting and Picnics yaseHammarsdale, entshonalanga yeTheku, ucebise ngokuthi enye yezindlela ezingambi eqolo abantu abangazisebenzsia ukujabulisana ngalolu suku wukuthi bathengelane izipho noma benze ama-picnic, nawo angabizi nangadinge micikilisho eminingi kakhulu.
“Okuhle ngama-picnic kulesi sikhathi wukuthi ayavuma uma ufuna ukuwenzela endaweni ephandle njengoba kusasehlobo, nokho kuyasiza futhi ukuwahlelela endlini yakho ukugwema ukuphazamiseka uma kungenzeka kuna imvula, nokuthi uma nisendlini kwenza nibe nesikhathi esanele sokuthi nijabule ngaphandle kokuphazanyiswa yilutho. Uma uzothenga isipho qikelela ukuthi uthenga into onesiqiniseko sokuthi umuntu wakho uzoyithanda ukusiza ukugwema ukuphoxeka usumnika into angayithakaseli, kanti okunye eningakwenza ukuhlela ukuyodla isidlo sasemini noma kusihlwa,” kusho uNksz Mkhize.
UNksz Nompumelelo Njapha weCarethander Mobile Spa yaKwamakhutha, eningizimu yeTheku, ucebise izithandani ukuthi zingakubukeli kude ukuhlela ukuthi zibhucabhucane ngalolu suku ukusiza ukuphumuza umzimba nokuqaqa igazi.
“Nokho kubantu abangajwayele nabazobe beqala ukwenza into enjena ngikhuthaza ukuthi benze uhlelo lokuthi umuntu ozobe ezobabhucabhuca abavakashele ekhaya labo, ukwenza ukuthi uma kwenzeka kube thusa noma kubaxaka okwenziwa kubona bangaphoxeki phambi kwabantu abaningi. Ukubiza umuntu owenza lo msebenzi azokwenza lapho osuke ukhona, kumenza akhululeke futhi abe nesineke ngoba engakhathazekile ngamanye amakhasimende alindile,” kusho uNksz Njapha.
UNksz Thobeka Mbina weMaison De Florale, edayisa izimbali eClermont, eThekwini, uthe kuhle ukuthengelana izimbali ngalolu suku ikakhulu uma kuwukuthi isinqandamathe sakho siyazithanda. Uthe izimbali ziyindlela yokuveza ukuthi umuntu wakho umthanda kangakanani, ube ngashongo lutho.