UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uzwakalise ukunganeliseki ngokuqhathaniswa kwezinga leMamelodi Sundowns nezakhe ngemuva kokubhaxabulwa ngo 4-1 yileli qembu lasePitoli, emdlalweni weBetway Premiership, ngoMgqibelo.
Ukushaywa kwePirates kulo mdlalo kunike iSundowns ithuba lokuvula igebe esicongweni se-log njengoba womabili la maqemb ethathwa njengasembangweni wesicoco seligi yePremiership.
“Umehluko phakathi kwala maqembu womabili uzobonakala ekupheleni kwesizini, ngemuva kwemidlalo engu-30. Yilapho okuzobonakala khona ukuthi sisezingeni elifanayo yini nabo nokuthi umehluko mkhulu noma mncane. Imidlalo yebhola kwesinye isikhathi ihamba ngendlela yayo nje ongayilindele. Umehluko awubonakali ngomdlalo owodwa. Uma ngingabuza nje, ngenkathi sibashaya kowamanqamu eNedbank Cup wabonakala umehluko ?” kubuza uRiveiro ezintathelini.
“Ngaso sonke isikhathi uma ebhekene la maqembu kuhlale kushunqa uthuli ngoba kusuke kukuningi okudlalelwayo ngaphandle nje komdlalo wangalolo suku.
“Khona ngiyavuma bebengcono kunathi (ngoMgqibelo) ngoba bakwazile ukuthola indlela yokuwunqoba lo mdlalo phezu kwesimo senkundla engagculisi. Bawasebenzise ngendlela amathuba abawatholile ukwedlula thina. Ngakho amagoli abasihlule ngawo akufanele enze ukuthi kuqhathaniswe izinga lethu nelabo. Masibe neqiniso kulokho.”
Lo mqeqeshi ukubeka ngokucacile ukuthi weneme ngendlela iqembu lakhe elisayibambe ngayo.
“Sidlale neChiefs (Kaizer Chiefs) sathola iphenathi sekuyophela umdlalo, sabuya namaphuzu amathathu. Sadlala neSekhukhune (United) ebesingakaze siyishaye ekuhambeni selokhu ngafika, sawina. Ngakho uma ngibheka leli sonto esibuya kulo, ngizizwa nginokuziqhenya ngaleli qembu ngendlela esenza ngayo izinto nokuzinikela kwabadlali. Ngikhuluma nje, kumanje sesivele sinendebe ekhabetheni (yeMTN 8) kule sizini. Ngakho umehluko wamaphuzu (phakathi kwabo neSundowns) ngaphambi kwemidlalo engu-16 esisazoyidlala, akuyona into engikhathazayo. Into engikhathazayo manje ngumdlalo esiyowudlala neBaroka.”
EZimnyama ezivikela isicoco seNedbank Cup, zizodudulana neBaroka FC edlala kwiMotsepe Foundation Championship kowe-Last 16 walo mqhudelwano ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, e-Orlando Stadium, eSoweto.