Lizovulwa izikhawu ezimbili ithuba lokushintsha izinombolo zezimoto kubashayeli baseKZN njengoba kungenwa ohlelweni olusha. UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uthe konke sekumi ngomumo futhi uhlelo luzoqala ngoDisemba 1.
Umnyango wamemezela ukuthi isifundazwe sizoba nezinombolo ezitsha ngenxa yokuthi sezihambe zaphela kwezinye izindawo. Baphinda bathi ukushintshwa kulethwe ezintsha kuzolekelela endabeni yokulwa nobugebengu.
Umnyango uthe usulandele yonke imidanti efanele walalela nemibono yabantu kulolu daba wase uphuma nesinqumo. Konke kuzofakwa emqingweni kahulumeni ngoLwesine kuleli sonto bese kuba semthethweni.
Umnyango uthe ihlandla lokuqala elizovulwa ngoDisemba 1 lize livalwe ngoFebhuwari 28, 2024. Lizobe livulelwa abantu abazobhalisa izimoto ezintsha, ukubhaliswa kwezimoto egameni labanikazi abasha zisuka kwabanye, yizimoto ebezebiwe esezitholakale ezizobe sezibhaliswa zibuyiselwa kubanikazi. Kuzobe kubhaliswa nezimoto zikahulumeni.
Ihlandla lesibili lizovulwa ngoMashi 1 2024 lapho okuzobe kwamukelwa abashayeli abafisa ukusuka ohlelweni oludala babhalise kolusha. Umnyango uthe kusukela ngoMashi 1 2024 abashayeli bazonikwa izinyanga ezingu-21 zokuthi bazizele bona bezobhalisa okuyothi uma kwedlula lapho kube yimpoqo.
Umehluko ozoba khona ezinombolweni ezintsha wukuthi ngeke zisaveza amadolobha ezibhaliswe kuwona kodwa kuzoba yindlela eyodwa yokubhalwa. Bathe uhlelo olusha luzosiza ukulwa nobugebengu obudlangile.
Umnyango unxuse abantu ukuthi bazihluphe ngalolu hlelo bangene nasezinkundleni zokuxhumana zomnyango babheke izimemezelo ngalolu hlelo olusha. UMnyango uthe unohlelo lokuqeqesha abasebenzi bawo ukuze bakwazi ukuqhuba lolu hlelo ngaphandle kwezinkinga.