KULINDELEKE kukhethe ukhethu phakathi kweqembu uMkhonto Wesizwe ne-ANC okhethweni lokuchibiyela, emawadini angaphansi kukaMasipala uMzumbe, namhlanje ngoLwesithathu.
Angu-12 amawadi anganamakhansela komasipala abahlukene KwaZulu-Natal, okuzobe kuvotwa kuwo owaseNewcastle, Umvoti nowaseMzumbe. Amehlo azobe ethe njo kowaMzumbe okunamawadi ayisithupha asale emva kokwesula ezikhundleni kwamakhansela ayisithupha e-ANC, abemiswe ngonyaka odlule. Abesolwa nokuvota namaqembu aphikisayo ukugudluza iMeya uMnuz Bongani Nyuswa owabuyela esikhundleni emva kokuthi inkantolo ikumisile ukukhishwa kwakhe.
Lawa makhansela okunguMnuz Sibonelo Maphumulo owayewusomlomo kumasipala namakhansela emawadini ahlukene kulo masipala okunguMnuz Thulo Mkhungo, Mnuz Sibonakaliso Hadebe, Mnuz Bheki Ngema, Mnuz Mhlengi Luthuli, Mnuz Thuthukani Jeza, noMnuz Ayanda Duma okuthiwa bajoyine i-MK emva kokwesula kwabo, kanti bangenele ukhetho sebemele leli qembu.
Unobhala we-ANC esifundeni iTolomane, uMnyayiza uMnuz Xolani Luthuli, uthe bakulungele ukuvikelwa ukulahleka kwalawa mawadi.
“Siyethemba ukuthi abantu bazosivotela. Siwenze wonke amalungiselelo alolu khetho lokuchibiyela,” usho kanje.
UMnuz Vincent Mdunge okhulumela i-MK esifundazweni, uthe ukwesula kwamakhansela e-ANC ajoyine i-MK, kuyizinkomba zokuthi leli qembu liyakhula.
“Lolu khetho sizolunqoba vele. Miningi imikhandlu esesithole imibiko yokwesula kwamakhansela, edinwe yisinqumo se-ANC, kungeyona kuphela kuphela njengoba amalungu amanye amaqembu nawo awenelisekile ngokwenziwe amaqembu ngalo hulumeni osanda kubekwa,” kusho uMdunge.
Lo masipala ophethwe yi-ANC unezihlalo eziwu-39, kanti i-ANC emva kokhetho lohulumeni basemakhaya ngo-2021, yathola izihlalo ezingu-21, i-IFP ezingu-14, ezimbili ze-EFF, bese kuthi iqembu i-APEMO ne-ATM banesihlalo ngasinye.
Ngaphandle kwalolu khetho, u-ward 14 ngaphansi kukaMasipala i-Ray Nkonyeni ngaphansi kwaso lesi sifunda se-ANC, nayo isale ingenakhansela emva kokusula kukaMnuz Sabelo Malunga okukholakala ukuthi ujoyine i-MK. ULuthuli uthe basalindele ukuthi ikhomishini yokhetho i-IEC ikhiphe usuku lokhetho.