UNGQONGQOSHE woMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Sipho Hlomuka usevivise ithimba elibhekene nezimo eziphuthumayo ukuqapha isimo sezulu esibi esilindeleke ezingxenyeni zezindawo ezisentshonalanga yeKwaZulu-Natal namhlanje.
Imibiko yabesimo sezulu iSouth African Weather Service sikhomba ukuthi imiphakathi engase ithwale kanzima ezinze esifundazweni saseMkhanyakude nesaseKing Cetshwayo, kusukela namhlanje ntambama kuze kube yikusasa ngoLwesine.
Ngokwesitatimende esithunyelelwe abezindaba, lesi simo sezulu singase siholele ezikhukhuleni ezingase zikhahlameze amalungu omphakathi.
UHlomuka usenxuse imiphakathi ukuba izilungiselele ngezokuphepha ukuze izivikele kule mvula enamandla elindelekile.
"Siyayinxusa imiphakathi ehlala ezindaweni ezisehlanzeni ukuba ifune okokukhosela kuze kudlule lesimo sezulu esingesihle. Sinxusa abazali nothisha ukuthi baqinisekise ukuthi abafundi basebenzisa izindlela eziphephile uma beya noma bebuya ezikoleni," kusho uHlomuka.
Ngokwalo Mnyango, abezimo eziphuthumayo bazobe beqaphe ngawo womabili ukusiza labo okungenzeka ukuthi bakhahlanyezwe yilezi zikhukhula.