KUZOBE kusindwe ngobethole emcimbini wokugubha ukuphela kweminyaka ewu-20 kwasungulwa Umbimbi Lwamabutho kaZulu, ngoMgqibelo kusukela ngo-10 ekuseni, ezinkundleni zemidlalo iTaylors Hall, KwaVulindlela, eMgungundlovu.
Kule ndumezulu yomkhosi kulindeleke ukuba kutheleke izinkumbi zamabutho azobe evunule econsa njengenhlalayenza.
Okhulumela uMbimbi Lwamabutho kaZulu, uMnuz Jabulani Khanyile, uthe isikhulumi sosuku kuzokube kuyiSilo saMabandla wonke, uMisuzulu kaZwelithini, futhi kulindeleke izimeya nabaholi bomdabu abakhele iKwaZulu-Natal.
UKhanyile uthe umbutho wethulwa ngokusemthethweni yiSilo esisanda kubuza, uZwelithini kaBhekuzulu, nowayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, eminyakeni engaphezulu kwewu-20, edlule.
Uyichaze kanje inhloso yomcimbi uKhanyile:"Yilolo suku lapho iSilo samemezela umkhankaso wokugqugquzela ukusokwa kwamadoda angu-1 million. Yilapho owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma ethula uhlelo lokwakhiwa kwezindlu ezingu-25 000 endaweni yaKwaVulindlela. Sizobe sichaza ukusuka nokuhlala kohambo lwethu selokhu kwasungulwa umbutho kulo mcimbi."
Uqhube wathi umcimbi wokugubha ukuphela kweminyaka ewu-20 kwasungulwa Umbimbi Lwamabutho kaZulu uzobe usezingeni eliphezulu ngenhloso yokuheha amabhungu. Wathi bahlose ukuhlanganisa abantu beminyaka ehlukene futhi bagubhe intandoyabantu kuleli.
Eqhuba uKhanyile uthe inhloso yomcimbi ukuhlanganisa wonke amabutho esifundazweni, izingcithabuchopho, nongoti bamasiko akwaZulu endaweni eyodwa.
"Umbimbi Lwamabutho 20th Celebration 2023 akusiwo nje umcimbi kodwa yinkundla yokwabelana ngolwazi, ukubambisana nokufukula ikusasa lamabutho kaZulu ngokuqhamuka noqeqesho olusha, nezisombululo zezingqinamba ezibhekene nezokuvikela kwelikaMthaniya."