I-TRANSNET imemezele ukuthi izothula amaguzu ayisikhombisa azolekelela ukunciphisa isiminyaminya samaloli eRichards Bay.
Ukulethwa kwala maguzu kusho ukuthi isibalo samaguzu athutha impahla eya echwebeni laseRichards Bay azonyukela ku-28.
Umthamo wempahla ephathwa ngamaguzu nawo usuzolingana namaloli awu-452 ngesonto.
Iveze ukuthi isiziqalile izinhlelo zokushintsha izinto kuleliya chweba.
Ichweba laseRichards Bay lihambisa imikhiqizo yakuleli esuka ezimayini okubalwa amalahle, i-chrome nokunye kusukela eLephalale (Limpopo) kuyofika khona eRichards Bay.
USihlalo webhodi laseTransnet, uMnuz Andile Sangqu, uthe bazimisele ukuxazulula izingqinamba akade benazo.
Abalule kuzo ukwebiwa kwamakhebuli emizileni yamaguzu nokucekelwa phansi kwengqalasizinda yabo.
Uveze ukuthi kusukela manje kuze kube wuMashi wonyaka ozayo, bazoletha amanye amaguzu ayisikhombisa echwebeni laseRichards Bay ukuze kusebenze amaguzu awu-35.
Ukwanda kwamaguzu uthe kwenziwa wukuthi lawa akade efile aselungisiwe yingakho sebekwazi ukuwafaka emzileni.
"Ukulethwa kwamaguzu kusho ukuncipha kwesiminyaminya emgwaqweni. Sinazo nezinhlelo ezizogwema ukwebiwa kwamakhebuli asiza ukuhambisa amaguzu. Silindele ukuthi yonke ingqalasizinda yamaguzu ethu ibe isisebenza kahle ngoFebhuwari, wonyaka ozayo. Sizoqhubeka nokusebenzisana noMasipala waseMhlathuze, abamaloli nazo zonke izinhlaka ezithintekayo ukunciphisa isiminyaminya sasechwebeni," kusho uSangqu.
Uphethe ngokuveza ukuthi banohlelo lokuthi amaloli athathe impahla ezindaweni ezingaphandle kwechweba ukuze angathutheleki wonke echwebeni.
Uma lolu hlelo luhamba kahle kulindeleke ukuthi lusebenze ngokugcwele ngoMashi, wonyaka ozayo.
Kulindeleke ukuthi kuleli sonto uMasipala waseMhlathuze ubhunge ngezinhlelo zokulwa nesiminyaminya zikahulumeni.
Khonamanjalo: Izikhulu zechweba laseThekwini zithe ihamba kahle imizamo yokuthulula amakhonteyna emikhunjini njengoba besebenza ngokushesha ukwenza lo msebenzi.