AKUSEKUDE umphakathi wasezigcemeni ezehlukene eNdwedwe naseMshwathi uvalelise osizini lokuhluphekela amanzi emva komcimbi wokuphendulwa kwesoyi obuwenziwe kule ndawo.
Kuthiwa kuzodla imali elinganiselwa kuR401 million ukufakwa kwamanzi kuma-ward ehlukene kulabo masipala abangaphansi kowesifunda iLembe.
Abezindaba bake babika ngeziteleka zomphakathi phambilini, umphakathi waseNdwedwe uvala imigwaqo ubhikishela ukungabi bikho kwamanzi endaweni.
Elinye ilungu lomphakathi, uNkk Philile Gumede lithe konke lokhu kungathi yiphupho kwazise bese bewahluphekele iminyaka amanzi.
“Angazi mingaki iminyaka sibuka eminye imiphakathi ngapha nangapha iphuza amanzi ahlanzekile, thina singenawo. Kuyasijabulisa ukuthi ekugcineni nathi sesizokwazi ukuthola amanzi ahlanzekile,” kusho uNkk Gumede.
Elinye ilungu lomphakathi, uMnuz Duvuza Mfeka, lithe lijabulela ukuthi ukulethwa kohlelo emphakathini kuzovula amathuba omsebenzi ezinganeni zabo.
“Sibongela abantwana bethu ukuthi bazoke baqashwe, bayeke ukuhlala emgwaqweni bengenzi lutho,” kusho uMfeka.
Le phrojekthi kuthiwa ifike emva kwesicelo esafakwa wuMasipala iLembe ukuthi kufakwe amanzi ukubhekana nezidingo zomphakathi waseNdwedwe.
IMeya yeLembe, uMnuz Thobani Shandu, ithe lokhu kungeminye yemisebenzi uhulumeni ayithembisa umphakathi.Unxuse ukuthi kube khona ukusebenzisana phakathi komphakathi, ubuholi bendawo namaphoyisa.
“Silindele umphakathi ukuthi uphenduke ube wonogada bephrojekthi ngoba uma kuphazamiseka ukusebenza, kuzolibaziseka ukuthi nithole amanzi emakhaya,” kusho uZondi.
Uthe asikho isidingo sokuthi abantu abazobe bengajabule ngokuqhubeka komsebenzi womphakathi ukuthi bafake izingidi ezinkulu emasayithini, kuze kudinge ukuthi kusetshenziswe inkani ukuthi kuqhubeke ukusebenza kwawo.
IMeya yaseMshwathi, uMnuz Mandla Zondi inxuse imiphakathi okuzongena kuyo le ngqalasizinda yamanzi, ukuthi ingalenzi iphutha lokuthi izixhumele ngokwayo amapayipi amanzi ngoba lokho kubuye kudale izinkinga ngokuhamba kwesikhathi.
IMeya yaseNdwedwe, uMnuz Mdu Cele ithe okubajabulisayo wukuthi uma lisuka ipayipi lamanzi eMshwathi lizofika erenki yamatekisi eNdwedwe.
“Lizothi uma lisuka erenki yamatekisi liphinde lehle liyofika esikhumulweni esifundisa ukushayela, baphinde bavulelwe futhi abantu amanzi, kuye kuyofika koNgcongangconga naseNsuze. Bonke abantu abanganeno bazobe sebewaphuza amanzi,” kusho uCele.
Uthe balindele ukuthi kuthi kushaya uJuni babe sebekhona abawaphuzayo amanzi.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkk Bongi Sithole-Moloi unxuse ukuthi kungabi khona abantu abazothikameza ukusebenza kwalabo abanikwe umsebenzi wokufaka amanzi.
“Ngoba uma esefakiwe amanzi, wonke umuntu uzobe esewaphuza, sekukuhle,” kusho uNkk Sithole-Moloi.