UNDLUNKULU weSilo esesakhothama, uGoodwill Zwelithini uyale izintombi nto ukuba zizithibe, zingalokothi zizibandakanye nocansi kuze kube ziyashada.
UNdlunkulu uZola kaMafu ukhuthaze intsha emcimbini, iSiyaya eMhlangeni Moral Regenarion obuKwaMbotho, eHarding ngoMgqibelo.
Amatshishi abalelwa ku-1 500, abehlobe ngemvunulo futhi esina ecula amaculo esintu, abeyingxenye yomcimbi obuhlelwe wuMasipala uMuziwabantu noMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal.
Umcimbi wokukhuthaza ukuziphatha kahle kwezintombi nto wendlalela uMkhosi woMhlanga osingathelwa esigodlweni eNyokeni, KwaNongoma minyaka yonke.
UNdlunkulu KaMafu ugcizelele ukubaluleka kokuzithiba ocansini kwezintombi
Ethula inkulumo yakhe uNdlunkulu ugcizelele ukubaluleka kokuziphatha ngokuzihlonipha nokulandela amasiko akwaZulu nezinto okufanele amatshitshi azigweme, ukuze agcine ubuntombi bawo aze afinyelele esigabeni somshado.
Uthinte nodaba lokuhlukunyezwa ngokobulili, wexwayisa ngokuthi izenzo ezihlobene nalezi kazamukelekile emphakathini.
Ugxeke nababulala abantu abasuke bethandana nabo, wathi kumele siphele lesi sihlava.
Umcimbi ubuhanjelwe ngamakhosi, izinduna, ubuholi bukahulumeni, amakhansela nezinye izicukuthwane zamahlelo ehlukene emphakathini.
IMeya yaseMuziwabantu, uMnuz Siboniso Zungu ihambe emazwini kandlunkulu, yengeza ngokuthi izinhlelo ezifuze lezi ziyalekelela ekutheni abantu bangangenwa yizifo ezithathelana ngocansi, okubalwa isandulela ngculazi nengculazi uqobo.
“Ukuhlela imicimbi eqhakambisa ukuziphatha kubantu abasha kusisiza kakhulu ohlelweni lokuvikeleka esifweni isandulela ngculaza nengculaza,“ kusho uZungu.
UZungu uthe bewumasipala bayalweseka lolu hlelo, wancoma nokuzimbandakanya komphakathi ekutheni uhlale njalo uqinisekisa ukuthi ziyagcinwa izinto ezingamasiko.
Ubonge abamahlelo ahlukene emphakathini, abenze lwaba yimpumelo uhlelo oluzungeza izingxenye ezahlukene zesifundazwe iKwaZulu-Natal.