Mbali Khanyile
BAYALWE ukuthi bakhuthalele ukufunda nokuloba izincwadi abafundi, kwethulwa uhlelo lokugqugquzela ukubhalwa kwezincwadi ezikoleni zamabanga aphansi, Izingane Radio Library Corner.
Kulo mcimbi obekugqugquzelwa kuwo abalobi bezincwadi KwaManzini Primary, KwaNdengezi izolo obuhlelwa yinhlangano egqugquzela ukufundwa kwezincwadi, Izingane Online Radio bekunothisha, abafundi neziphathimandla zoMnyango wezeMfundo.
UNkk Baxolile Ndimande-Mngadi weZingane Online Radio, uthe ngalolu hlelo bafuna ukunika abafundi bamabanga aphansi ithuba lokuzibhalela izindatshana zabo nokubagqugquzela ngobumqoka bokuthanda ukuloba.
“Ngesikhathi sisungula Izingane Radio Online, sasibone igebe ebelikhona nebelidinga ukuvalwa njengoba abantwana bebenganikwa ithuba elanele lokuveza amakhono abanawo okuloba. NgeZingane Library Corner sihlose ukuthi izincwadi zifinyelele kalula emakilasini ngale kokuthi izingane ziye emitapweni yolwazi.”
Amaciko angabafundi abeyingxenye yomcimbi abekhombisa amakhono awo ngokuhaya izinkondlo abebhalelwe zona ngothisha bawo. Amanye awo ecikoza ngazilobele zona.
UNksz Thobela Ngidi, wezamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko kuMasipala weTheku ukhuthaze abantu abanezinhlelo zokuthuthukisa abalobi. Uthe balwamukela ngezandla ezimhlophe lolu hlelo emitapweni yolwazi.
Eqhuba uthe imitapoyolwazi engu-94 eThekwini iyazidinga izincwadi zabantu abasangena emkhakheni wokubhala njengoba sishoda isibalo sabakuleli ababhalayo.
UNkk Sizakele MaKhumalo-Zuma obe ngesinye sezimenywa, uyale abafundi ngokubaluleka kokubhala izincwadi nokukhuthalela ukufunda.