NJENGENDLELA yokwakha iDolobha elihlanzekile elinemvelo enakekelekile, uMasipala umema abahlali ukuba basebenzisane ukuhlobisa iDolobha ngokunakekela izindawo ezisonqenqemeni lomgwaqo.
UPhiko lwezamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko lukhuthaza abahlali ukuthi babambe iqhaza emqhudelwaneni wokunakekela izindawo ezisonqenqemeni lomgwaqo.
Abangenelayo bazozibeka ethubeni lokuwina imiklomelo emihle. Ukungenela umncintiswano kuvalwa ngomhla ka-30 Septhemba.
Umphakathi uyakhuthazwa ukuba angenele wona noma aqoke amakhaya, amabhizinisi, izikole, abantu, amaqembu ezingadi, izindawo zezokongiwa kwemvelo, noma izinkampani ezinezindawo ezinhle phambi kwezakhiwo zazo.
Amafomu okungenela atholakala kwi-website kaMasipala ngokuya ku: https://bit.ly/3B82s0t ezikhungweni zikaSizakala, emitapweni yolwazi, noma acelwe nge-email. Amafomu kumele aphelezelwe yizithombe. Ahanjiswa ezikhungweni zikaSizakala noma emitapweni yolwazi.
Angathunyelwa nange-email kuNonhlanhla Ngwabe ku: [email protected] noThami Mbhele ku: [email protected]. Amafomu angenazo izithombe ngeke amukelwe.
Lo mncintiswano ngowabahlali basezindaweni ezingaphansi kukaMasipala weTheku kuphela. Abasebenzi bakaMasipala abavunyelwe ukungenela.
INhloko yoPhiko lwezamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko uDkt Simphiwe Ndlovu ithe iDolobha lizibophezele ekuvikeleni imvelo kodwa alinazo izinsiza ezanele. “Ukubhekana nalokhu, sinqume ukubambisana nomphakathi ekunakekeleni imvelo ngalo mncintiswano,” usho kanje.
Ukuthola eminye imininingwane, xhumana noNonnie Ngwabe ku-031 322 2998 noma uThami Mbhele ku-031 322 4019.