OKUHLE nokumnandi ngale mboni wukuthi igabe ngamathuba ayohlale ekhona futhi okungasoze kwaphela isidingo sawo ngoba silokhu sande njalo isidingo sokuthi kwakhiwe imigwaqo futhi kulungiswe ingqalasidinza eyamene nezokwakha.”
Isho njalo enye yezimenenja yoMnyango wezoKwakha wophiko lwezemigwaqo ezweni iSouth African National Roads Agency SOC Ltd (SANRAL), uMnuz Trevor Gumbi, ngenkathi ekhuthaza abantu ukuthi bangawubukeli kude umkhakha wezokwakh. Wathi awuchaze ungeminye yemiqoka ezweni nokuyohlale kunesidingo sayo emhlabeni.
UGumbi ubengesinye sezikhulumi zesigcawu zokucobelana ngolwazi lwemboni yezokwakha enxanxatheleni yezitolo iBridge City, KwaMashu. Ubuyingxenye yomcimbi wombukiso wamabhizinisi waminyaka yonke iDurban Business Fair, ohlelwa wuMasipala weTheku.
“Uhulumeni uzivulile izandla kosomabhizinisi bakithi abamnyama abalambele amathuba okuchuma kule mboni. Into esemqoka wukukhuthalela ukulandela yonke imigomo efanele ukuze babe sethubeni lokuthola amathuba emisebenzi azochumisa amabhizinisi abo. Okuzosiza ukuthi kufukulwe umnotho waselokishini,” kucebisa uGumbi.
Esinye isikhulu seKwaMashu Business Chamber, ihlangano engenzi inzuzo ebhekele ukuxhumana nezinhlaka zikahulumeni ekufukuleni intsha yakuleli lokisishi, sithe nakuba sisithokozela isigcawu sosomabhizinisi, kodwa kusanenselelo enkulu yokuthi kuthuntuthwe akubize ngamazenze abamba abantu abasha basemalokishini.
Uthe kumele kusetshenziswe lo mcimbi wombukiso wosomabhizinisi ukuthola isibalo sabantu abasha abahlala KwaMashu namaphethelo, abanye babo abebengekho emcimbini kodwa okungenzeka ukuthi bakhona abasemakwabo abebekhona emcimbini, okungathi uma kuqiniswa ukuxhumana phakathi kwabo kwazeke ngabo namathalente abo.
“Asivakashele abantu abasha basemalokishini lapho behleli khona ngoba kuyiqiniso elingenakuphikwa ukuthi abanye babo abasayingeni indaba yezinhlelo ezinjengalolu ngoba abasathembi lutho ehlelwa wuhulumeni. Mhlawumbe uma singaxhumana nabo lapho behleli khona, sakhe ubudlelwano nabo, kukude lapho esingaya khona,” usho kanje.
Livula umcimbi ngokusemthethweni, ilungu lesigungu sophiko lwezokuhlela nokuthuthukisa umnotho kuMasipala weTheku, iKhansela uThembo Ntuli, lithe kuyabakhathaza ukubona intsha yasemalokishini nasezindaweni zasemakhya isalela emuva ngamabhizinisi ayo. Yingakho bebone kukuhle ukuqhubeka nezinhlelo zokuhambela amalokishini nezindawo ezahlukene ezakhele iTheku ukuze bacobelele osomabhizinisi abasafufusa ngamasu nolwazi lokuchumisa amabhizinisi.
Ezinye izikhulumi ebezikhona kulesi sigcawu nguMnuz Sthembiso Madlala we-Association of Social Engagement Facilitators of Southern Africa, noMnuz Wonder Jaca weBlack Business Federation.
Namhlanje umcimbi uzoqhubeka ngawo umbukiso wosomabhizinisi, bese kuba nesigcawu sokucobelana ngolwazi kosomabhizinisi besifazane, lapho okuzobe kunezikhulumi oNksz Fezile Mdletshe weFezile Fashion Skills Academy, Nksz Delisile Mncube wophiko lwabesifazane, intsha nabakhubazekile eMnyangweni wezemiSebenzi yoHulumeni nezoKwakha, Dkt Lindiwe Kunene ofundisa ngezamabhizinisi e-UKZN, noNksz Happy Ngidi onamava kwezokumaketha nokuxhumana.
Lo mcimbi uzosongwa kusasa, kanti okuhle kakhulu ngawo wukuthi kungenwa mahhala!