ZIQUBULA imibuzo engaphenduleki izigameko zokubulawa kwabantu ngobuningi ezibukeka zanda KwaZulu-Natal.
Lokhu kuvuswe yisibhicongo sokubulawa kwabantu abangu-10 ngeledlule bomndeni wakwaMemela, eMbali, eMgungundlovu. Kulo mndeni kushone abesifazane abayisishiyagalombili nabesilisa ababili. Kuthe kusabatshazwa lokho kwabulawa abanye abane kwaB, KwaMashu.
Kunenqwaba yezigameko ezibikwayo zokudutshulwa kwabantu ngobuningi esifundazweni. Abacwaninga ngezigameko, bathi iningi lidalwa wukwanda kwababulali ababizwa ngezinkabi Olunye ucwaningo ludalula ukuthi umbango omningi usembonini yamatekisi, ipolitiki nokuxabana kwemindeni.
Kuleli sonto umcwaningi walezi zigameko ohlonishwayo uNksz Mary de Haas, ukhombe ukwanda kwababulali abakhokhelwayo nezibhamu ezingekho emthethweni, njengembangela yokuhlelwa kwalezi zigameko. Uthe ababulali abakhokhelwayo bangabantu ababukeka behlelekile ngendlela eyinqaba. Uthe bahleleke ukudlula amaphoyisa ukuqhuba umsebenzi wabo, yingakho bephumelela ekubulaleni abantu. Uveze ukuthi isihlava ngeke sinqandeke uma kungaqedwa izibhamu ezingekho emthethweni ezitholakala kalula.
Nyakenye kusona lesi sifundazwe kuke kwanda izigameko zokuhlaselwa kwabantu ezindaweni zokucima ukoma lapho bebebulawa ngobuningi, . Yagcina ingacacanga imbangela yakho ngoba abantu bebekhomba izinto ezehlukene. Lokhu kungenxa yokuthi ezigamekweni eziningi bekungaboshwa muntu. Phela, ukuboshwa kwezigilamkhuba kuphoqa ukuthi zidalule okuningi uma sezishushiswa.Umcwaningi wamacala obugebengu ozinze eNyuvesi iLimpopo, uSolwazi Witness Maluleke, uthe ocwaningweni lwakhe kuvela ukuthi indluzula yinto esibukeka ijwayelekile KwaZulu-Natal. Uthe kulukhuni ukuqonda ukuthi kungani iKwaZulu-Natal isiphenduke isizinda sokubulawa kwabantu. Uthe abezomthetho bagxeka ukwanda kwezibhamu ezingekho emthethweni ezigcwele kubantu kodwa yena ubona ukushoda kwezobunhloli ngasohlangothini lwezomthetho. Uveze ukuthi uma inkinga kungukwanda kwezibhamu kumele ngabe sekunendlela yokuthi ziqedwa kanjani.
Ngaphandle kokubulawa kwabantu ngobuningi okunye okuvelayo ukuthi nezibalo zokubulawa kwabantu ngenxa yepolitiki zilokhu zanda uma kuqhathaniswa neminyaka edlule.
Umbiko osanda kuphuma kwiGlobal Initiative, uveza ukuthi ukubulawa kwabantu ngenxa yepolitiki kwandile uma kuqhathaniswa nokwango-2020. Indawo okuvela ukuthi kubulawana kakhulu kuyona ngenxa yepolitiki iKwaZulu-Natal.
Ukubulawa ngenxa yepolitiki kuqinisekiswe nawukwanda kwezicelo ezifakwe amakhansela okuvela ukuthi acela ukuba nabaqaphi. Isibalo esikhulu samakhansela asebulewe siseEstcourt. Ngokombiko ka-Ephreli 2023 weGlobal Initiative Against Transnational Organised Crime (GI-TOC), ukubulawa kwabantu ngenxa yezombusazwe kudalwa yizinto ezehlukene.
Lo mbiko uqoqwe nguRumbi Matamba, ongumhlaziyi kwi-GITOC, ophikweni lwe-Observatory of Illicit Economies e-East and Southern Africa.
Umbiko ububheka ukubulawa kwabantu ngenxa yenkokhelo kwezepolitiki nasembonini yamatekisi eNingizimu Afrika. Uthi isibalo sabantu abasocongwe ngenxa yepolitiki sisuke ku-24 wango-2020, sanyukela ku-30 ngo-2021, safinyelela ku-40 ngo-2022. Lesi sibalo usisusele emacaleni abhalisiwe okubulawa kwabantu. Esinye isibalo esikhulu esibikwe ngo-2019 esamacala angu-42.
Embikweni ohlanganisa izifundazwe, iKwaZulu-Natal ihamba phambili. Lokhu kungenxa yamacala okubulala angu-21 abikwe kusona ngo-2022. Kuvela ukuthi i-Eastern Cape, ibike amacala angu-10 ngo-2022. Lokho kwenza kube iyona engeyesibili ilandela iKwaZulu-Natal, ngokubikwa kwamacala alolu hlobo. Okunye okukuvelile ukuthi izinkabi ezithunywa ukuyobulala nakwezinye izifundazwe ngenxa yepolitiki ziqhamuka KwaZulu-Natal. Emacaleni okubulala kwezepolitiki amaningi aKwaZulu-Natal, kubikwa ukuthi enzeka eKZN Midlands naseThekwini.
Kuzokhumbuleka ukuthi esifundazweni alikho iqembu lepolitiki elikwaze ukuzimela ngokwanele ngamavoti okhethweni lohulumeni basekhaya obelungo-2021.
Umbiko uveza ukuthi ngokujwayelekile ingxabano isuswa ukuthatha izinqumo komasipala ngenxa yokuthi abaningi babusa ngokubambisana kwamaqembu epolitiki. Kulo mbiko kuvele ukuthi nakwezinye izifundazwe andile amacala okubulala ngenxa yombango wepolitiki ngo-2021 uma kuqhathaniswa nokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2016.
UMatamba uthe emacaleni okubulala ngenxa yepolitiki mancane uma uqhathanisa nenzeka kwi-ANC. Lokhu uthe kudalwa ukuthi ukulahlekelwa kwe-ANC kulolu khetho kudale ukuthi umbango ugcina ususuka kuyona iyodwa okuholela ekutheni kubulawane ukuze kuvuleke izikhundla.
Uthe ukuthola izikhundla ezinkulu nokuba namandla kwipolitiki kubukeka kuyiyona into ezokwenza ukuthi lezi zigameko zinyuke. Ngakolunye uhlangothi abacwaningi baveza ukuthi ukuthengwa kwabantu ukuthi babulale nakho kunomthelela ongemuhle.
Umhlaziyi weGlobal Initiative Against Transnational Organised CrimeGlobal Initiative Against Transational Organised Crime, uKim Thomas, embikweni wakhe wango-2021 obizwa ngeMurder By Contract: owawubheke izigameko zokubulala ngenxa yenkokhelo e-Eastern ne-Southern Africa, uveza iKwaZulu-Natal njengesizinda salezi zigameko. Kuwona kuvela ukuthi izigameko eziningi zokubulawa kwabantu phakathi kuka-2015 no-2020. Embikweni wamaphoyisa wakwamuva kuvela ukuthi iKwaZulu-Natal ihamba phambili emacaleni okubulala. Kuwona kuvele ukuthi izigameko zokubulala zingu-1 821, kwezingu-7 555 zaseNingizimu Afrika.
NgoFebhuwari nonyaka ngesikhathi kusocongwe umrepha uKiernan Jarryd Forbes, owaziwa ngelika-AKA, eThekwini, uKhomishana wamaphoyisa esifundazweni uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi, wathi ukungasebenzi kwabantu yikhona ababona ukuthi kuholela ekutheni bagcine sebekhokhelwa ukubulala.
USolwazi Nirmala Gopal, weNyuvesi iKwaZulu-Natal, usanda kudalula ukuthi iKwaZulu-Natal inomlando wempi okuyinto okungamele abantu bayilibale. Lokhu uthe kuzokhumbuleka ukuthi bekwenzeka ngesikhathi sempi lapho abantu benza isiqiniseko sokuthi bavikela umholi wabo kwezombangazwe. Uqhuba athi kuze kube yinto ejwayelekile ukuthi abantu kulesi sifundazwe bagcine bengagwetshwanga ngamacala okubulala abasuke besolwa kuwona. Ephetha uGopal uthe sekubukeka kungaphephile kakhulu KwaZulu-Natal, nasezweni, lonkana uma kuqhathaniswa neminyaka engu-20 eyedlule. Lokhu uthi kuyamangaza ngoba kumele engabe abantu bazizwa bephephile njengoba izwe selibuswa wuhulumeni wentando yeningi.