UKHISHIWE ekumeleni iSilo eNdlini yabaHoli boMdabu KwaZulu-Natal nakuzwelonke, uMntwana uMbonisi kaBhekuzulu, ongomunye wabaphambili ekuphikiseni ukuqokwa kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
UMntwana uMbonisi wayengene ekumeleni iSilo eNdlini yabaHoli boMdabu ngesikhathi kusabusa iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, ongumfowabo.
Ngesikhathi sekufungiswa kabusha indlu kayibange isambuyisela uMntwana uMbonisi.
Isikhala sakhe sithathwe, uMntwana uSimphiwe Zulu, oqhamuka endlini yaKwaMinyamanzi.
UMntwana uSimphiwe ungomunye wabaphambili ekwesekeni iSilo.
Ungomunye wabantwana abajwayele ukubonakala eduze kweSilo uma kunemikhosi yasendlunkulu.
Izindaba zokushintshwa kukaMntwana uMbonisi ziqinisekiswe nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zabaHoli boMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala obexoxa neSolezwe ngesikhathi ehambele kuMasipala waseMsunduzi.
UZikalala utshele Isolezwe ukuthi sebelitholile igama losezomela iSilo endlini yobuholi bomdabu.
“Uma kukhethwa indlu yobuholi bomdabu siyaye sizame ukuxhumana nendlunkulu, ukuze isinikeze igama lozomela iSilo. Emva kokukhethwa kobuholi obusha bendlu yabaholi bomdabu, indlunkulu isinikeze igama elisha.”
Ukukhishwa kukaMntwana uMbonisi akumangazanga njengoba ephambili ekuphikiseni ukuqokwa kweSilo.
Usekusho kaningi ukuthi iSilo asikaqokwa.
Ethintwa yiSolezwe uMntwana uMbonisi, uthe ubesewezwile amahlebezi athi useshintshiwe, kodwa ubengakatshelwa lutho.
“Angikaze ngitshelwe lutho olusemthethweni kodwa khona ngike ngezwa kukhulunywa.”
UMntwana uMbonisi uthe akakholelwa ekutheni ushintshwe ngoba nakhu ephikisa ukuqokwa kweSilo.
“Mhlawumbe kwenziwa wukuthi sekushintshe indlu yobaholi bomdabu. Angithi njengamanje sekunobuholi obusha.”
Njengamanje uMntwana uMbonisi kunecala alifake eNkantolo eNkulu ePitoli lapho ephonsela khona inselelo isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa, sokuvuma ukuqokwa kweSilo.
Usohlangothini olweseka uMntwana uBuzabazi Mbuzeli kaZwelithini.
Ngakolunye uhlangaothi uMntwana uSimphiwe yena ungomunye wabantwana abasalokhu bemile neSilo, kusukela sangena esihlalweni.
UMntwana uSimphiwe uvele useke wabonakala emele iSilo kweminye yemihlangano yendlu yabaholi bomdabu.
Ngesikhathi iphini likaMengameli, uMnuz David Mabuza, lihlangene nabaholi bomdabu eThekwini, uMntwana uSimphiwe wuyena owayemele iSilo.
Imizamo yokuzwa ukuphawula kukaMntwana uSimphiwe kayizange iphumelele.
Okhulumela ihhovisi leSilo, uMntwana uThulani Zulu, wenqabile ukuphawula ngalolu daba.
Uthe yonke imibuzo kufanele ibhekiswe eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.