BELISEMATHENI ezinkundleni zokuxhumana izoloigama likaMnuz Tumelo Madlala, ongufakazi ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa owayengumdlali we-Orlando Pirates futhi engukapteni weqembu lesizwe, iBafana Bafana, ongasekho.
Abantu bebebabaza ukungahloniphi kukaMadlala, belimisa ngesihloko elokuthi akayihloniphi inkantolo.
Bakhuluma kanjena nje, izolo kuphinde kwaqhubeka ukuqophisana ngokwamazwi phakathi kwakhe no-Advocate TT Thobane. Zibe ziningi izikhawu lapho uMadlala ebeqophisana noThobane. Kukhona lapho ahilizisane khona noThobane waze wamtshela emehlweni kuthi angalinge amthethise.
“Ungangithethisi phela, ngempela ungithethiselani pho?’’ kubhoka uMadlala izolo enkantolo.
U-Advocate Thobane uthe akamthethisi kodwa ufuna ukuthi aphendule yonke imibuzo ambuza yona ngendlela efanele. U-Advocate Thobane usole uMadlala ngokuqamba amanga, wathi izitatimende azethulayo ziyashayisana.
UVusi V Mgenge uthe: “Kungani eba nolaka kangaka, lokhu kuziphatha kwakhe kuzomyisa kude. Awukwazi ukuthi ungakhetha izinto ozikhumbulayo bese ukhumbula okuthandwa nguwena.”
UCharlotte Shazzy Oepeng uthe: “UTumelo Madlala uluhlaza ekubeni kukhulunywa ngokushona komuntu owayengumgani wakhe. Yini nje edalaukuthi ahlulwe ngukuphendula umbuzo omayelana nokuthi wagculiseka yini ngesitatimende asibhala ekubeni waze wasayina. Ukhohlwe wukuthi yebonoma cha uma kuya ngokuthi wenza ukwethembekangesikhathi enza isitatimende kwasekuqaleni.”
USinegugu Duma Mthombeni uthe: “Uyadelela lo mfana uzenza isihlakaniphi esibhedayo nje.”
U-Andrew Liversalt Schomani uthe : “Lo Madlalauyadelela.”