UMASIPALA wasebaQulusini ufuna kuqiniswe imithetho elawula ukusebenza kwezikhungo ezithenga izinsimbi namakhebula kagesi antshontshwe kamasipala.
IMeya yalo masipala, uMnuz Sifiso Mkhwanazi ibibize isithangami sabezindaba izolo, izokwethula umbiko mayelana nokwebiwa kwamakhebula kagesi ezindaweni ezingaphansi kwalo masispala. Ukhale ngokuthi lokhu kugcina kuholele ekutheni umphakathi umashele umkhandlu uma ungenawo ugesi, wathi lezi zikhungo zibuye zithenge amakhebula kamasipala antshotshiwe ekubeni kwaziwa ukuthi ayimpahla kamasipala.
Uthe izinga lokwebiwa kwamakhebula kagesi kule ndawo kuphezulu kakhulu kangangoba umkhandlu usuze wathatha isinqumo sokuthi uqoke abaphenyi abazimele ngo-2022.
"Okusiphethe kabi kakhulu ukuthi kubantu abasolwa ngalobu bugebengu kubalwa nomunye wabasebenzi bethu njengoba ngoLwesine kutholakele ikhebula elingamamitha angu-300 emzini kasomabhizinisi wendawo ohlonishwayo. Lo somabhizinisi uthe lilethwe umsebenzi wethu.
“Kuyasikhathaza lokhu, ngaphezu kwalokho sikhathazwa indlela amaphoyisa ahudula ngayo izinyawo ngamacala athinta ukwebiwa kwamakhebula. Akulona udaba oluncane lolu.
“Ukwebiwa kwamakhebula, ukuphazanyiswa kokusebenza kwama-transformer (imishini ephehla ugesi) nengqalasizinda kagesi, kusibuyisela emuva. Sizithola sisebenzisa imali sithenga izinto ebese zithengiwe," kusho uMkhwanazi.
Uthe awu-30 amacala avuliwe okwebiwa kwamakhebula kodwa mahlanu asesesigabeni sokuthi kunabantu ababoshiwe abavela enkantolo ngawo.
Uqhube wathi usebhalele abaholi bamaphoyisa ebaQulusini, ekhalaza ngokuthi amaphoyisa ahudula izinyawo ngala macala, kwesinye isikhathi aba nokwenzelela kubantu abathintekayo.
“Kulaba bakamuva, kuvela ukuthi amaphoyisa abathathile kodwa abazange bavele enkantolo ngoba baboshwe badedelwa, bangabekwa amacala. Kubo kubalwa nomnikazi womuzi ikhebula elitholakale kwakhe,” kuchaza imeya.
UMkhwanazi uqhube wathi kuzolandelwa imithetho yabasebenzi yokuqondiswa ubugwegwe kumsebenzi othintekayo, wathi lolo hlelo lwenziwa yimenenja kamasipala.