AKHALE ngeminyango ebuyisele emuva imali kuMgcinimafa amalungu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, izolo njengoba kusanemiphakathi esazikhotha amanxeba emuva kwezikhukhula zanyakenye.
Le mali ebuyiselwe kumgcinimafa izosiza leyo minyango ebhekene nengcindezi yokuthi ingase isebenzise ngokweqile isabelomali njengoba kuphela unyaka wezimali u-2022/2023 kusasa kuqala omusha u-2023/2024.
UNgqongqoshe weziMali esifundazweni uNkk Peggy Nkonyeni, ngesikhathi kuhleli isiShayamthetho eMgungundlovu izolo, ethula umthethosivivinywa wokuchitshiyelwa kokusebenza kwezimali, uveze ukuthi ngaphansi kwalolu hlelo lokubuyisa imali baqoqe uR378.887 million.
Le minyango ibuyise le mali ngaphandle kokuphoqwa.
UMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo ubuyise uR95 million. Le mali ithathwe ezinhlelweni ezithinta ukungavalwa kwezikhala kanjalo nokungathengwa kwezinye zezinsiza.
“UMnyango kaMgcinimafa ubuyise uR47 million, ithathwe ezinhlelweni ezithinta ukungavalwa kwezikhala. UMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko ubuyise uR36.887 million, ethathwe ezinhlelweni zengqalasizinda yezemidlalo komasipala abahlukene.”
UNkk Nkonyeni uthe uMnyango wezokuThutha ubuyise uR200 million, okuyimali ethathwe ezinhlelweni ebezibhekele ukulungiswa kwemigwaqo eyakhahlanyezwa yizikhukhula zango-Ephreli nyakenye.
“Le mali iyiswe eminyangweni ehlukene ebibhekene nezinkinga zokuthi ingase yeqise esabelweni mali. Iminyango efana nowezemfundo, obubhekene nenkinga kwisabelo ufakelwe uR240 million. UMnyango wezeNhlalakahle uzothola uR37 million.”
Uthe uMnyango wezeMfundo ubunengcindezi kaR635 million kwisabelo sawo kanti njengoba uthole uchatha kumgcinimafa, usubhekene nenkinga yokuthi manje usungasebenzisa ngokweqile uR395 million.
UNkk Nkonyeni uveze ukuthi uMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi, wabelwe ngumgcinimafa uR100 million.
UNkk Nkonyeni uveze nokuthi ezinye izifundazwe ziphucwe imali yeNational Health Insurance (NHI), yafakwa emnyangweni wesifundazwe ngoba uyisebenzise kahle le mali owabelwe yona.
Uthe e-Eastern Cape baphucwe uR7.475 million, Free State uR381 000, eLimpopo uR3.037 million, eNorthern Cape uR4.019 million, eNorth West uR9.399 million kwathi eWestern Cape baphucwa uR8.641 million.
“IKwaZulu-Natal yabelwe uR19.366 million wale mali evela kwezinye izifundazwe yomshwalense wezempilo. UMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu kuzwelonke unike umnyango wesifundazwe uR16.368 million, wokwakha ngokushesha izindlu,” kuqhuba uNgqongqoshe.
UMnuz Mntomuhle Khawula we-IFP, ukhale ngoMnyango wezokuThutha obuyise imali ekubeni isimo semigwaqo sibheda.
Uthe le mali bekumele isebenze ukulungisa imigwaqo eyakhahlamezeka ngenxa yemvula wathi bayakweseka ukunikwa kweminyango esebenzisa kahle yonke imali esuke yabelwe yona uchatha.
UMnuz Nkululeko Ngubane we-EFF, ukhale esifanayo ngomnyango wezokuthutha obuyisele imali emuva ekubeni kusanemigwaqo esabhidlikile.
Uthe le mali bekumele ihlinzekwe umnyango wezokuhlaliswa kwabantu ukuze kwakhelwe abantu ababhidlikelwa imizi ngezikhukhula.