KUKHALWA ngekhansela le-ANC, ku-ward 75, eLamontville, okuthiwa likhetha iphela emasini ekupheni izaguga ama-voucher okudla akhishwe wuMasipala weTheku.
USihlalo we-EFF ku-ward 75, uMnuz Clive Mali Mlotshwa, uthe baze baphelezela izaguga ziyoqhinqa emahhovisi ekhansela lakule ndawo kuleli sonto ukuze libanike izimpendulo ngokunganikwa kwezinye izaguga ama-voucher.
Kuthiwa uMasipala weTheku ukhiphe ama-voucher angu-500 aqondene no-ward 75, ukuthi anikwe izaguga. I-Voucher ngayinye eyenani lika-R650 futhi ivumela izaguga ukuthi zithenge ukudla kukaKhisimusi ePick n Pay.
“Into ebuhlungu ukuthi kunezaguga ezibuza ukuthi zona zishiywe ngoba zinjani zingayitholi impendulo ekhanseleni. Okuphinde kufake usawoti esilondeni ukuthi kunezingane ezibonakala ezinxanxatheleni zezitolo zichoma ngawo lama-voucher kanti ezinye izaguga zithola amabili kuya phezulu umuntu emunye. Siyile ehhovisi lekhansela siyobuza ngalesi senzo kodwa asizitholanga izimpendulo ezicacile kwesimfice ehhovisi lalo. Lona alitholakali njengoba lingazibambi nezingcingo zethu ukuze lisicacisele ukuthi kwenzekeni ngama-voucher ezaguga. Abawatholile sithole ukuthi bangabangani balo ikhansela,” kusho uMlotshwa.
Kuthintwa ikhansela elithintekayo, uMnuz Sibusiso Siveshe, lithe abasho kanje bayifaka kwipolitiki indaba yama-voucher kube kungenjalo.
“Kuyiqiniso ukuthi ama-voucher aphumile angu-500. Inkinga esibhekene nayo ukuthi awanele ukuthi atholwe yizona zonke izaguga. Isibalo sawo asinyuki njengoba kuseyilesi ebesiphuma nangesikhathi esedlule kanti izalukazi ziyanda njengoba sekukhona asebeseminyakeni yokuthi bakwazi ukuhlomula. Abanye bebeneminyaka engaphansi esikhathini esedlule kanti manje sekumele bawathole ngenxa yeminyaka yabo njengoba kubhekwa abaneminyaka engu-65 kuya phezulu. Enye inkinga ukuthi abantu baseLamontville babheka izaguga ezikule ndawo kuphela kanti uWard 75 mkhulu. Kukhona abasehostela eWema, umphakathi wamaNdiya nabanye abangekho eLamontville kodwa abakuyona iWard yethu,” kusho uSiveshe.
Uthe okwenze abanye bangawathola ukuthi bebenza isiqiniseko sokuthi kuhlomula wonke umuntu waku-ward 75 ngaphandle kwabaseLamontville. Uhlelo athe balusebenzisile ookuthi emndenini kunikwe isaguga esisodwa ngoba kuyenzeka zibe ziningi emzini owodwa. Uveze ukuthi kweminye imindeni bebebheka asebebadala kakhulu.
“Kukhona imindeni enesaguga esineminyaka engu-95 kodwa uthole ukuthi indodakazi yaso ina-65. Bonke labo bantu bayizaguga kodwa bekuphoqa ukuthi sinike lo ona-95 simyeke lona-65 ukuze ama-voucher angabi maningi emndenini owodwa,” usho kanje.
USiveshe uthe lolu hlelo lwama-voucher lunzima kubona njengabaholi ngoba lugcina selubenza bathukwe sengathi kukhona abawadlile kube kungenjalo.