Lihweba ngoR18 iRandi lakuleli uma liqhathaniswa ne-U$SD yaseMelika njengoba kugcotshwa uMengameli Cyril Ramaphosa.
USolwazi Bonke Dumisa oyisazi somnotho esizimele, uthe izimakethe ziyakujabulela okwenzeka ezweni njengoba iRandi like langabi nozinzo kusayiwa okhethweni kodwa emuva kokumenyezelwa kwemiphumela lahweba kangcono.
Uthe njengoba seliwuR18 lisuka kuR18.93 ngoLwesihlanu kanti noma liqhathaniswa noPondo waseBritain lenza kahle kakhulu njengoba izimakethe zivulwe lihweba ngoR22.93 lisuka kuR23.30 kanti ngoLwesihlanu beliwuR24.20.
Uma liqhathaniswa ne-Euro belihweba ngoR19.61 lisuka kuR20.61 ngoLwesihlanu.
UDumisa uthe loku kukhombisa ngokusobala ukuthi abatshali zimali bayakujabulela abakubonayo.
Uphethe ngokugqugquzela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi beze nezisombululo zezinkinga zomnotho, bangahlali bekhala njalo.