INTANDOKAZI yezinkulungwane zabantu bakuleli ithole ithuba elihle lokuqhubeka nokulwa nobugebengu ngemuva kokulaxazwa yisiteshi esiphethe uhlelo ebiluhola.
UXolani Khumalo wathola indawo ekhethekile ezinhliziyweni zabaningi kuleli ngohlelo lwakhe oluthi Sizok’thola lapho ayelwa khona nabantu abadayisa izidakamizwa nabenza ubugebengu emphakathini.
Yize konke abekwena kwakuncomeka kubantu abangazithandi izidakamizwa, wahlangabezana neshwa kufa umsolwa ngemuva kokubonakala ohlelweni lwakhe.
URobert “Kicks” Varrie kuthiwa washona ngemva kokuthelwa ngenduku kuthiwa akakhiphe izidakamizwa okwakusolwa ukuthi uzithukuse endlini yakhe.
Isigameko esenzeka ngesikhathi kuqoshwa uhlelo ngoJulayi, saphetha ngokushona kwalo mlisa okuthiwa waphuthunyiswa esibhedlela eThelle Mogoerane, eVosloorus, kwagcina kumanele.
Kwavulwa icala lokubulala, yize uKhumalo azinikela emaphoyiseni wajikiswa ngoba icala lisaphenywa, ngoSepthemba, wathola umbiko ovela emaphoyiseni wokuthi akazinikele emaphoyiseni. Nebala wazinikela wavela enkantolo yeMantshi ePalm Ridge lapho adedelwa khona ngebheyili kaR20 000.
Kuthe kusabhekwe lokho, ngesonto eledlule, kwavela ezinye izindaba ezibuhlungu ngoKhumalo ngabesiteshi iMoja Love iveza ukuthi isimkhombe indlela. Izindaba zokugqabuka kwegoda phakathi kukaXolani weSizok'thola neMoja Love ziqinisekiswe ngokhulumela lesi siteshi sethelevishini esikuDStv157, uNonzwakazi Cekete.
Ebuzwa ngembangela yokuhamba kukaXolani, uNonzwakazi uvele wathi iMoja Love ngeke isaphawula ngezindaba ezimayelana naye okwamanje.
Konke lokhu sekufana nomlando njengoba uhulumeni waseGoli ezesulile izinyembezi zale nsizwa ngokuyinika ithuba elisha lokuqhubeka nomsebenzi wayo wokulwa nobugebengu.
Ikhansela likaMasipala waseGoli, uDkt Mgcini Tshwaku ohola uMnyango wezokuVikeleka koMphakathi kulo masipala, wethule ithimba elilwa nobugebengu elizoholwa uKhumalo.
Lokhu kwenzeke emcimbini obungoLwesihlanu.
The mighty @EFFSouthAfrica has established a crime fighting unit. They brought in the recently fired Moja Love presenter Xolani to work together and stop crime in Jhb. The EFF is working for our people ✊🏿 pic.twitter.com/E9bpR5b4BJ
— Lerato (@MadutungLerato) November 10, 2023