I-COSATU ifuna limukelwe njengeqhawe inxusa lakuleli elixoshelwe izinsolo zokukhuluma kabi ngoMengameli waseMelika, uDonald Trump.
I-Cosatu esifundazweni iWestern Cape ithe izomhlangabeza esikhumulweni sezindiza, uMnuz Ebrahim Rasool, oyalelelwe ukuba aphuma aphele eMelika.
URasool ungowokuzalwa eWestern Cape.
Unobhala we-ANC eWestern Cape, uMnuz Malvern de Bruyn, uthe abahambisani nokuxoshwa kukaRasool eMelika.
"Ingakho sinqume ukuthi sinxenxe amalungu ethu ukuba aphume ngobuningi bawo, aye komamukela esikhumulweni sezindiza uma esefika lapha eWestern Cape. URasool ungomunye wethu, angeke simlahle."
UDe Bruyn uthe bafuna ukuthi iNingizimu Afrika iziphindiselele ngokuxosha inxusa laseMelika kuleli.
"Aseneme neze ngendlela uhulumeni oholwa uTrump owenza ngayo izinto. Lo hulumeni uyaqhubeka nokuchukuluza iNingizimu Afrika. Into esiyishoyo ukuthi uhulumeni wakuleli kufanele uxoshe inxusa laseMelika uma uhulumeni oholwa uTrump uqhubeka nalo mkhuba wawo."
UMengameli Cyril Ramaphosa, ukuqinisekisile ukuthi uRasool usendleleni ebuyayo njengoba enikezwe amahora angu-72 ukuba aphume aphele eMelika.
"Akakwazi ukuqhubeka ahlale eMelika ngoba sebeshilo ukuthi akamukelekile khona."
URasool uziqhathe ngokuthi asole uTrump ngokweseka abashumayela ivangeli lokuthi abantu abamhlophe bangcono ukunezinye izinhlanga.
URamaphosa uthe uzothola kahle umbiko ogcwele ngokwenzekile uma uRasool esefikile kuleli.
"Ngizwile nje ukuthi bathi uxoshelwe ukuthi kunenkulumo engehli kahle ayenzile, kodwa konke sizokuthola uma esefikile. Ngifuna ukuthola umbiko ogcwele."
URamaphosa uthe bayaqhubeka nokuzama ukulungisa ubudlelwano neMelika, wakuchitha ukuthi izikhulu zaseMelika zichayisa izikhulu zakuleli ezihola imizamo yokubuyisana.
"Lide ibanga esesilihambile, kukhona ukuxhumana okukhona. Akusilona iqiniso ukuthi bayasiziba abaseMelika. Empeleni nje uRasool ubesehambe ibanga elide kakhulu. Khona-ke kusibuyisela emuva ukuxoshwa kwakhe ngoba uyena obehamba phambili emizamweni yokubuyisana."
UMnyango wezobuDlelwano naMazwe aNgaphandle uthe usezinhlelweni zokuqoka inxusa elisha.
Bekungokwesibili uRasool eba inxusa lakuleli eMelika. Waba inxusa lakuleli eMelika okokuqala ngesikhathi kusaphethe owayengumengameli, uBarack Obama.
Ngaphambi kwalokho uRasool wayengundunankulu wesifundazwe iWestern Cape.