INHLANGANO elawula izinkampani ezisebenza ngemali kuleli, i-Financial Sector Conduct Authority (FSCA) imemezele ukuthi ihoxise ilayisensi yokusebenza yebhange Ithala.
Ithe ilayisensi ihoxiswe ngokomthetho i-Financial Advisory and Intermediary Services Act (FAIS Act), 37 ka 2002.
Esitatimendeni esithunyelwe kwiSolezwe izolo, i-FSCA ithe ilayisensi ihoxiswe ngoJulayi 26 ka-2024, kanti namanje isahoxisiwe. Ithala lizobuyiselwa ilayisensi yalo uma selilungise okukhalwa ngakho.
Isizathu sokuhoxiswa kwelayisensi wukuthi Ithala alikho sesimweni esihle kwezezimali ukuze kuvikelwe amakhasimende alo.
“Ukuhoxiswa kwelayisensi kusho ukuthi Ithala alivumelekile ukuqala umsebenzi omusha othinta imali ngaphansi kwe-FAIS Act. Kufanele lichazele amakhasimende alo ngokwenzekayo ngoba livumelekile ukusiza amakhasimende alo ebelisebenza nawo ngaphambi kokuhoxiswa kwelayisensi,” kuchaza iFSCA esitatimendeni.
Iveze ukuthi Ithala lizamile ukufaka isicelo sokuphikisa isinqumo seFSCA kwi-Financial Services Tribunal kodwa yachithwa, icala belilalelwe ngo-Agasti 22, 2024.
I-FSCA iveze ukuthi Ithala belilokhu libekwe iso ngabasebenzi bayo (FSCA) kanti bathole ukuthi kalikho sesimweni esihle sezezimali ngokwesigaba 46 (1) sokusebenza ngemali kanjalo nangokwesigaba 48 (1) salo mthetho.
Ithe kubalulekile ukuthi izikhungo ezisebenza ngemali zilandele umthetho wokusebenza ngemali FAIS Act, okuyiwona ovikela amakhasimende alezi zikhungo.
Ibalule ukuthi kubalulekile ukuthi ibhange lime kahle esimweni sezezimali (solvency), lifeze lokho elalisungulelwe kona ukuze kusizakale amakhasimende alo nezinye izinhlaka.
Isikhulu esiphezulu sebhange Ithala, uDkt Thulani Vilakazi sithe abantu kumele bazi ukuthi Ithala livuliwe ukubhekelela amakhasimende alo njengoba lisalungisa okushiwo yiFSCA.
Uthe kuyiqiniso ukuthi ilayisensi ihoxisiwe kodwa lokhu ngeke kuphazamise imishwalense yamakhasimende abo nemihlomulo ayitholayo, abantu bangaqhubeka nokufaka izicelo zokunxeshezelwa bazosizakala.
“Uhulumeni wasungula Ithala ukusiza abantu baKwaZulu-Natal ngezimali ikakhulukazi labo abasezindaweni eziswele emakhaya. Ithala liyawenza umsebenzi walo, liyiguqulile impilo yabantu. Ukulandela imithetho yokusebenza ngezimali kulisebenzele Ithala njengoba lithole umbiko ongenagcobho woMncwaningi Mabhuku kunyaka wezimali ka-2023/24. Ayikho imali emoshiwe noma esebenze kungafanele. Selisebenze kahle, linozinzo iminyaka engaphezu kuka-20 .” kusho uVilakazi.