BEKUYINDUMALO yodwa kubantu baseWillowfountain, eMgungundlovu, emva kokuzwa ngokuhlulwa kukaDkt Zweli Mkhize, embangweni wokuhola i-ANC.
UMkhize ungowokuzalwa eWillowfountain, kanti ngoMsombuluko wehlulwe umengameli, Cyril Ramaphosa, emjahweni wokuhola i-ANC.
Ukunqoba kukaMkhize engqungqutheleni ye-ANC ezosongwa namhlanje bekuzombeka ethubeni lokuba umengameli wezwe.
Isolezwe lihambele eWillowfountain ngemumva kokumenyezelwa kwemiphumela yengqungquthela.
Bekuthule kuthe cwaka emzini kaMkhize.
Unogada obesesangweni utshele intatheli ukuthi wonke umndeni wakwaMkhize useGoli, lapho kuqhubeka khona ingqungquthela.
Abantu baseWillowfountain bebeziqhubekela nemisebenzi yabo eyejwayelekile.
Abanye abakhulume neSolezwe bathe bebethembile ukuthi uMkhize uzokudla ubhedu kulengqungquthela ezophethwa namhlanje.
UNksz Thabisile Gumbi, uthe ukunqoba kukaMkhize bekuzokusho ukulethwa kwentuthuko emphakathini wangakubo.
“Silimele kakhulu njengoba engasaphumelelanga. Besinethemba lokuthi uzokuza nomehluko.’
UNksz Gumbi uthe usephelelwe ithemba ebuholini bukaRamaphosa.
“URamaphosa uyabheda. Njengamanje sihleli emakhaya asisebenzi. Angifuni ngisho nokuyizwa indaba yakhe. UMkhize ubezozama ukuthi sithole amathuba emisebenzi.”
UNksz Mayvis Ngidi uthe kumphethe kabuhlungu ukuhlulwa kukaMkhize, wathi amathemba abo bese bewabeke kuye.
“Lo muntu ungumakhelwane wethu. Besithi kuzokuba noshintsho uma sekuphethe yena ngoba njengamanje kuningi esikhala ngakho. Thina asizazi kahle lezi zinto ukuthi zihamba kanjani, kodwa engingakusho ukuthi asenzelwa lutho. Besinethemba lokuthi uzosifukula.”
UMnuz Ngcebo Ndlovu uthe ubebona kumfanele uMkhize ukuba umengameli wezwe.
“Ukunqoba kwakhe bekuzodala umehluko omkhulu. Maningi amagalelo anawo emphakathini. Siyazi njengoba kuza uKhisimusi ukuthi uba nohlelo lokunikela ngokudla kwabaswele.”
UNdlovu uthe unethemba lokuthi bazolubona ushintsho ngaphansi kobuholi bukaRamaphosa osazohola i-ANC ihlandla lesibili.
“Angithandi ukwanda kakhulu ngoba uRamaphosa usewinile. Iqiniso ukuthi ukuwina kukaRamaphosa akusho ukuthi silimele ngoba naye uRamaphosa angawenza umehluko.”
Nokho akusibo bonke abantu baseWillowfountain okubaphathe kabi ukuhlulwa kukaMkhize.
Abanye bathe bebevele bekulindele ukuthi uMkhize ahlulwe.
Ilungu lomphakathi elingathandanga ukuba igama lalo lidalulwe, lithe liyakujabulela ukuhlulwa kukaMkhize.
“Asidangele, empeleni sijabule. UMkhize uyabheda. Asazi ukuthi ubenzani. Yini ehluleka manje? Uyayibona iWillow ukuthi injani? Asinendaba naye ngoba vele akasenzeli lutho.”