BAZOLIBIZA ngeMazisi Kunene Week leli sonto abePoetry Africa eqale izolo e-Elizabeth Sneddon Theatre eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
Belisematheni igama lalesi sishoshovu esalwela inkululeko yabamnyama ngezikhathi zobandlululo kuleli ngenkathi kwethulwa iPoetry Africa ka-20 izolo eRivertown Beerhall eThekwini.
Lo nyaka kuzobe kungoweshumi adlula emhlabeni uSolwazi Mazisi Kunene kanti abahleli bePoetry Africa bathe babone kuyisikhathi esihle sokusebenzisana neMazisi Kunene Foundation ukukhumbula imisebenzi yakhe emihle. Umqondisi weCentre for Creative Arts, uDavid Maahlamela ubonge amagalelo kaKunene nabenhlangano yakhe ngokuvuma ukusebenzisana nabo.
“Sizobiza leli sonto ngeMazisi Kunene Week. Siyazigqaja futhi sijabule kakhulu njengeCentre for Creative Arts ukuthi simataniswe negama elikhulu njengelakhe singabahleli bePoetry Afrika. Umsebenzi wakhe ufeze amaphupho abantu abaningi. Uyingxenye yabantu ababeke iNingizimu Afrika lapho ikhona namhlanje.
UKunene yimbongi eyaduma kakhulu ngenkondlo ethi Emperor Shaka the Great. Wahlala esekudingisweni iminyaka ehlala emazweni ase-Europe nase-USA lapho aqhubeka khona nokulwa nobandlululo esebenzisa izinkondlo. UKunene wagcina efundisa kwenye yamanyuvesi ahlonishwa umhlaba wonke, i-University of California (UCLA).
UMaahlamela uqhube wadalula kwabezindaba izolo ukuthi iCentre for Creative Arts ithola imali ebalelwa ku-R4 million minyaka yonke kuMasipala weTheku. Oyimenenja yegatsha lezobuCiko namaSiko kumasipala, uMnuz Thembinkosi Ngcobo, uthe bajabule kakhulu ukuthi nabo njengomkhandlu lisekhona iqhaza abalibambayo ukuthuthukisa ezobuciko kuleli dolobha.
“Sifuna ukuqhubeka sidlale indima empilweni yamaciko afuna ukukhuluma ngezinto ezenzeka emphakathini. Ukuthi imicimbi enjenga ixhaswa umasipala akusho ukuthi amaciko akusamele asigxeke njengohulumeni, abawenze ngokukhululeka umsebenzi wabo,” usho kanje.
Ngaphandle kukaKunene, iPoetry Africa igubha iminyaka engu-20 yasungulwa neminyaka engu-200 yokubusa kukaZulu. KwiPoetry Africa yalo nyaka kuzohlonishwa izimbongi ezimbili, uDkt Don Mattera neNyosi yeSilo uBM Mdletshe ngezindondo ngaphansi kweMazisi Kunene Poetry Awards.
Amathikithi omcimbi atholakala ngo-R60 eComputicket. Uzoqhubeka kuze kube u-Okthoba 14 Elizabeth Sneddon Theatre bese uvalwa eBat Centre ngo-Okthoba 15. Awabafundi nabahola impeshini atholakala ngo-R40. Kwizimbongi ezingu-25 ezikhona nonyaka kubalwa uJessica Mbangeni, Mxolisi Mtshali, Bassey Ikpi, Bulelwa Basse, Harry Owen, JahRose Nthabiseng Jafta, Kobus Moolman, Koleka Putuma, Leymen Pérez (Cuba), noMalachi Smith (Jamaica).